10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 10 July 2026
Woza Nazo Mzala!
NGUTHANDO Thabethe noRobert Marawa.
Make nizifundise ukuphuma
ezindabeni ezinganidingi!
USUKU nosuku izinkundla zokuxhumana zisifundisa ukubaluleka kokunaka izindaba zethu.
Bheka nje uThando Thabethe otrende ngothando lwakhe noRobert Marawa ngesikhathi kuneHollywoodbets Durban July.
Kuthiwa abaningi bakhale ngegebe leminyaka kulezi zithandani
Abanye bathe bejabulela 'lezi zithandani', abanye babe bekhala ngegebe leminyaka eliphakathi kwabo. Kodwa-ke uThando utshengise ukungabi nandaba, wabanika izimpendulo ezishisayo.
Hhayi bahlali uma ningakaboni manje ukubaluleka kokuqhela ezindabeni zabantu, kanisophinde nibone.
NGU-Anatii ongumculi, osanda kwehlisa isisindo somzimba.
CHA bahlali masivume ukuthi le nto ye-gym iyasebenza ngempela. Singayigxeka nje phela ngoba ukudla kumnandi, kodwa iyasebenza.
UMzala ubone isithombe sakamuva sika-Anatii. hhayi bo, wavele waphenduka i-crush same time!! Washintsha ngisho indlela agqoka ngayo, ubaba ha!!
KWESOBUNXELE ngu-Anatii engakayiqali i-gym. Kwesokudla wushintsho oluhle lokwehla kwesisindo somzimba kule nsizwa engumculi/ DJ.
Cha-ke uMzala akasho ukuthi usezojoyina i-gym naye. Limnandi kabi ipuleti lenhloko nophuthu laphaya erenki, ngeke usinike esingaboni, bese uthi thasi ngopelepele ngaphezulu. Hhayi othi nginiyeke, niyoze niconse amathe.
Usengena kwezepolitiki uNtsiki Mazwai!
HE..He...HE... izinto zimane ukwenzeka!! UMzala akakaze acabange ukuthi uyoke abone uNtsiki Mazwai engena kwezepolitiki.
Phela le ntokazi iqokelwe esikhundleni sokuba yimeya yaseJohannesburg, ngaphansi kweqembu iLand Party.
Masibonge mnta kaMazwai ngokuthi ungenele lesi sikhundla.
Phela ezingoMzala bezingazi nokuthi kukhona inhlangano ebizwa ngeLand Party.
Ewu! Ziningi nazo lezi zinhlangano.