Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 15 May 2025

Woza Nazo 
Mzala!

Image

UNgizwe Mchunu ongqongqiselwe omunye wemizi yakhe oseMbumbulu ngeSonto.

Ngo-R10 000 nje amaqabane kaTambo aseyakhankasa... 😳

KUNZIMA ukuba ngusopolitiki ngoba ngaso sonke isikhathi uma unikwa ithuba, ucabanga ukukhankasela iqembu lakho.

Ngibone uNgizwe Mchunu efaka emgqeni abeqembu le-ANC, abafike emzini wakhe bagxumeka ama-banner abo. Cha  aninawo amahloni, kungathi umfo kaMchunu ehlelwe wumshophi, bese nithola ithuba lokukhankasa ngo-R10 000 nje, enifike nawo senenza sengathi benizogxumeka umuzi womxhaso.

Kahle-hle yizikhathi ezinzima lezi zokucela usizo kosopolitiki ngoba yonke into iphenduka umkhankaso, kwazise siyovota maduze.

Ewu, cishe ngakhohlwa ngiyazi ukuthi ngangithe ezababili kangisophinde ngizingene...kodwa angisale sengibuza; uFloda wayengashongo yini ukuthi usehlukene nensizwa yaseMachunwini? Bengimane ngizibuzela nje, impendulo kangiyidingi okwamanje.

Image

UNgizwe Mchunu noFloda.

'Mntwana' sale usuzichaza, naba bekuphika  

Image

UMntwana uNgobamakhosi Ntombela.

LELI bhungu elihlale lihamba phambili uma kubhikishelwa abantu bokufika selithanda ukumdida uMzala.

Ngiyezwa abanye bethi le nsizwa ingeyasebukhosini, yayifihlwe eSwazini LOL. Mntwana uNgobamakhosi Ntombela, uMzala ucela uphumele obala uzicacise ukuthi ungubani.

Abakwaziyo bayakuphika, bathi bakwazi ungumsila kaNgizwe Mchunu. Kokusiza ukuphumela obala ngoba uMzala uzoliphenya ibheshu, ngiyabona ukuthi sekukhona nabakuhlonipha njengomntwana, mhlawumbe unguye noma kawusiye...nguwe oyoziphendulela.

 Ukhombise ukukhula ntwana... 

Image

UThlopie Motsepe

UYINDODA umshana-wami uThlopie ozalwa nguMnu Patrice Motsepe osehola inhlangano kanobhutshuzwayo e-Afrika jikelele, iCaf.

Lalela ngikudlela iringasi Thlopie , ubene-vaar kunokuthi ukhombise ukudinwa kwakho kwiPremier Soccer League (PSL) emuva kokubhayiziswa njengoba ungase ushaywe ngesithende ekunqobeni isicoco seBetway Premiership esonga ngesonto elizayo.

 Kunalokho ntwana, uncome ubuholi buka-Irvin Khoza noMato Madlala ngokuba nomkhiqizo osezingeni eliphezulu kwiPSL. Akusenani boy manje kumele ulwele iCaf Champions League ngoMgqibelo uvuke ngayo.

0