10 I Ezikaqedisizungu | 

Friday, 13 February 2026

Woza Nazo Mzala!

Image

Ungabomethemba umuntu, kungcono ukwethemba itshe!

KUYETHUSA ukuzwa uSomizi 'Somgaga' Mhlongo (osesithombeni esingenhla), ekhuluma ngeBig Brother!

Phela uMzala ukhumbula kahle ukuthi ngonyaka owedlule, kwathi uma ecelwa ukuthi avotele uSweet Guluva, wathi akalubuki yena lolu hlelo.

Gwiqiqi, kulo nyaka useveza ukuthi ubethiphe uThandeka kulolu hlelo, kodwa manje ukhathazwa yindlela aziphatha ngayo endlini kaBig Brother.

Awu! Washintsha uDludla waba uDladla, he..he..he! Kusho ukuthi bakutinyela kahle abathandi beBig Brother, waze waqoka ukuyibuka nawe.

Hhayi kulungile, asibonge ngokusijoyina
Som-Som.


Wenza kahle gal ukuzibuyisela eNkosini

Image

UMZALA sekukudala amgcina umlingisi uNandi Mbatha (osesithombeni esingenhla), lo owayelingisa kwiSthembiso.

Phela ngibone ephosta i-video, echaza ukuthi ubebhabhadiswa. Hhayi ntokazi kuhle okwenzile ukubuyela eNkosini kusakuhle emhlabeni.

Masethembe nabanye ontanga bayabona ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi ube nobudlelwano noMdali.


Image

Senidlala ngemikhuleko yethu-ke manje

ABANYE abantu impela banesikhathi sokudlala. Yini le eyenza nibhoreke ngale ndlela yokuthi ningaze nihlelele uSenzo Mchunu (osesithombeni esingenhla), umkhuleko?

Imuphi lo mkhuleko odingwa ngumfo
kaMacingwane ngempela?

Abantu bazofike benze ubushompeshompe, bese beyakhulekelwa?

Hhayi bo kahleni bahlali, ningazodlala ngemikhuleko yethu. Abantu mababhekane namacala abo, basiyeke phansi.

Uma sebethola umvuzo wezindlela zabo, sekumele bakhulekelwe?

0