10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 05 September 2025

Woza Nazo Mzala!

Image

NGUSOL Phenduka noMacG, bePodcast And Chill with MacG.

Anokhuluma nibuye nikhuzane
phela kwi-social media

UMZALA akayithandi eyokuthi abantu baphelelwe yipharishi kulesi simo somnotho esibhekene naso.

Indaba kaSol Phenduka yokuxoshwa kwiKaya FM, ngenxa yokukhuluma budlabha benozakwabo uMac G, kwiPodcast Affirmation, sengathi kungaba yisifundo kwabanye.

Kwesinye isikhathi ufela ukuthi uzihlanganisa nohlobo olunjani lwabantu. Bheka nje ngoba uSol akashongo lutho ngoMinnie Dlamini, kodwa usethelwe ngamachaphazelo, waphelelwa yitoho.

Uma abazali bethi bheka abangani ohamba nabo, kusuke kushiwo into ekanje.  Masethembe ukuthi nabanye bazofunda isifundo kule mpicabadala.

Image

NGUMCULI kamaskandi ongaconsi kubalandeli, uMjolisi.

Anomtshela phela uMzala uma
senithathe olunye uhlangothi

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

WEMJOLISI, anophumela obala phela uma senithathe olunye uhlangothi. Phela akusafihlwa lutho kulesi sikhathi esiphila kusona, futhi-ke nemithetho yezwe iyakuvumela lokho.

Senigqoka amaphinifa? 
Ngempelasonto eyedlule uMzala ukubonile kwiMpucuzeko Festival, ebisePeople's Park, eMoses Mabhida,  eThekwini, udlubhe iphinifa. 
Kodwa-ke liyakufanele ngempela ngoba uvele waba ngunkosikazi womuntu nje ngqo.


Kuhle lokhu enikwenzayo ukweseka inyanga yabesifazane (njengoba ibiphethwa) ngoba kukhombisa ngokusobala ukuthi amadoda ayalazi iqhaza labesimame kuleli lizwe njengenzalabantu.

UMzala ukhuthaza ukuthi nabanye bayenze imikhankaso ekhombisa ukweseka abesifazane.

Image

NGUMCULI kamaskandi, uMroza Fakude, obecula kwiMpucuzeko ngeledlule. Ubegqoke iphinifa ukuvala inyanga yabesifazane ngenhloso yokubeseka.

Kuyancomeka okwenziwe ngabaculi ukweseka imbokodo kuvalwa inyanga yayo

NGIBONE uMroza Fakude wodumo lwengoma ethi, "uVandamme",  egqoke iphinifa kwiMpucuzeko Festival, ebisePeople's Park, eMoses Mabhida, eThekwini ngempela-sonto eyedlule.

Ngihleke ngaze ngawa nesihlalo, ngichazwa yingqephu yakho yephinifa. Cha kuyakufanela ukuba ngumuntu wesifazane weMroza.

Bekungathi yinkosikazi uqobo lwayo, futhi lena ehleli kahle emzini wayo, futhi eyondliwayo, ecaphuna kusale.

Baningi obehlulayo weMroza.
Uma ungayogana, ungafike emzini ube ngunkosikazi wangempela, futhi onesithunzi.

UMzala uyakuncoma, ubugqoke wafaneleka.

0