10| Ezikaqedisizungu

Friday, 18  September  2026

Woza Nazo Mzala!

Image

NGU-NADIA Nakai noToss.   

Hhaibo kwaze kwamnandi kwa-love bakwethu!

KWAZE kwamnandi kwa-love! Ungaze ufunge ukuthi sisenyangeni yothando uFebruary, kanti cha, siyawuphetha unyaka manje.

UNadia Nakai benoToss
, bebelokhu besifihlela ukuthi bayathandana, kodwa-ke phela isisho sithi, "akukho okufihliwe okungayikuvela".  Masinibongele, kuzicacele ukuthi ngempela nisemathandweni.

Image

Hhayi bo sengicishe ngakhohlwa, isithandwa sethu uPenny Ntuli, nomlingisi uMbuso Zulu, (abasesithombeni esingenhla), bathembisane umshado.

Uyayidizeva impela injabulo MaMphemba, ungakhohlwa-ke wukumema uMzala uma senibopha elikasofasilahlane.

Ngoba sebekuthathile maPennyzana my crush, ake ngiyoqalaza kula matshitshi abeseMkhosini woMhlanga, hleze ucilo azishaye endukwini.


Image

Kwenzekani ku-Ayanda Ncwane?

SHHHHHHH, asihlebeni phela akekho ongathandi ukuhleba, sonke siphila ngakho. Kwenzekani ku-Ayanda Ncwane?

Hhayi-bo uMzala ubambe ongezansi ebona i-video yalesi simomondiya ngesikhathi siveza ukuthi indodana yaso iya kwi-matric dance.
Mmhhmmm ngabe wukukhuluphala lokhuya noma wenze lezi zinto zenu enithanda ukuzenza ebusweni?

UMzala usale nemibuzo eminingi. Phela leya ntokazi iwuphuma langa sikothe sdalwa nje, kodwa lokhu engikubonile kungethusile.

Angifuni ukuchaza kakhulu ngoba nizothi ngishaya i-body shaming. Kodwa my Prophetess, wena uyintokazi yokholo, awuhlabe phansi ngedolo, ukhuleke, kusuke leli dimoni esilibonayo siwumphakathi wasezinkundleni zokuxhumana.


Image

Sol Phenduka, khula manje ndoda! Ziqaphele izinto ongadlala ngazo

MASETHEMBE ukuthi uSol Phenduka (osesithombeni esingenhla), ufunde isifundo ngokwenza amahlaya ngezinto ezithinta abesifazane.

Iyinkinga le nto yokuthi owesifazane lapho enyamalele, bese kwenziwa amahlaya ngaleyo nto, kube kungazeki ukuthi kwenzakaleni kuyena.

Liwubulima ihlaya alenze ngo-Elizabeth 'Tsontso' Moselakgomo, njengoba kade engakatholakali. Kodwa-ke masibonge ukuthi uxolisile, walibona iphutha lakho. Into ethinta ukunyamalala kowesifazane akuyona into yokuhlekisa, tshengisa ukukhula ndoda, umdala uma ungaka.


0