09 | Izindaba
Friday, 15 August 2025
UKATLEGO Danke ongumlingisi, ufake lezi zigqoko okuyaye kuhlotshwe ngazo emingcwabeni nasemicimbini.
Mpume Sibiya
Kawusagaxi noma yini emzimbeni, kuyathungiswa imbala
UKUSHINTSHA kwezikhathi kusifundisa ukuthi nendlela yokuphila igcina inoshintsho kunangezikhathi zasendulo.
Impilo yamanje kayisefani neyakudala, lapho bekwaziwa ukuthi uma kunemicimbi ethile, kasikho isidingo sokubhoboka iphakethe ngenxa yokucinga ozokugqoka ezitolo.
Ubuthatha kulokho onakho ugqoke, ube muhle, uye emcimbini.
Muva nje imicimbi eminingi isiba
ne-theme ethile, nendlela yokugqoka ehambisana nayo. Uba nengcindezi uma umenywa emicimbini, ucabanga ukuthi konje uzogqokani.
LEZI zimpahla ungaswenka ngazo emicimbini ehlukene, futhi nasemngcwabeni ungabukeka uhloniphekile ngazo.
Kukhishwa unyawo emingcwabeni
Lokhu sekugqama ngisho nasemi-ngcwabeni imbala, sekukhishwa unyawo. Phela ukuthi yisifo akusho ukuthi kumele ugqoke noma yini, kodwa gqoka uhlonipheke, futhi ube muhle.
Ukuba khona kwabasiki bengqephu kusinikeza nethuba lokuthi uma kunesifo, usuyakwazi ukuyothungisa ingubo efanelekile uma unamandla. Uma ungenawo, udonsa kulokho onakho kuwodilophu wakho.
LABO abacaphuna kusale, bayayithungisa impahla abazoyigqoka emingcwabeni noma emicimbini.
Nabasiki bengqephu bavuleleka ngamathuba
Abanye bayathungisa izimpahla ezinhle, ezisezingeni eliphezulu kodwa ezigqokeleka kuyona yonke imicimbi.
Phela imbokodo kuyaziwa ukuthi iyazithandela ukuswenka iconse, futhi kayiyisweli indawo. Ngisho kungathiwa iya kuphi, iyaqinisekisa ukuthi iyazicwala ukuze ibukeke kahle.
Engikuqaphelayo wukuthi ngisho abashonelwe, bayaqinisekisa ukuthi bakhipha unyawo ngengqephu enhle.
KAWUSASWENKI ngoba uya ephathini kuphela, nasemngcwabeni ungadlisa ngengqephu.
Kudlisa ubukhazikhazi:
Uma kuyingubo, mayibe ngekulingana kahle, ingavezi umzimba, ingakubambi thaqa sengathi uya ephathini noma ekilabhini (club), futhi mayi-ngabi mfushane ngokweqile, kanjalo noma kuyisiketi.
Lokho kakuwuniki isithunzi umngcwabo. Imibala okuthiwa iyilungele imingcwabo yileyo engagqamile kakhulu njengompunga (grey), o-navy, o-blue naleyo nje ezothile.
Kwabesilisa okwabo kuhlale kubukeka kuhlelekile.
Uyahlonipheka ngebhulukwe elide, ihembe lemikhono emide noma emifushane kodwa hhayi izikhindi.
UKUSWENKA uma kunemicimbi ethile, kunika osomabhizinisi ithuba lokwenza imali.
Okuhle ngokuswenka wukuthi kuvulela nosomabhizinisi abasemkhakheni wemfashini ithuba lokwenza imali, njengoba abanye baze bathungise ukuze babe bahle.
Esikhathini esedlule abantu abadala babebhinca amatshali noma bawamboze emahlombe, bethwala emakhanda bese kuyiwa emzini okuvele kuwona isifo.
HLONIPHEKA ngokugqoka impahla ekulingana kahle, engasehlisi isithunzi somngcwabo noma umcimbi oya kuwo.
BAZIFIHLA UBUSO NGEVEYILI
Ngosuku lomngcwabo, bekugqokwa izingubo ezimnyama engiye ngizwe kuthiwa yizona eziwuphawu lwesifo.
Oshonelwe ubumbona ngokumboza ubuso ngetshali, kanti esikhathini samanje, imvama ubabona ngokuzifihla ubuso ngeveyili emnyama, lokhu okuba yinethi, kanti abanye kuba yizigqoko.
NGEZIKHATHI zasendulo, abantu abakhulile bebesebenzisa lolu hlobo lwamatshali ukuhlonipha isifo.
Akubukeki kahle ukuthi kusaqhubeka inkonzo, kukhona abehla benyuka. Babodwa abaswebezayo aze angezwakali omi phambili, okhuluma ngomufi.
Kangisayiphathi-ke eyokukhala kocingo lumpongoloze lungasaba-njwa. Kungakuhle nje lufakwe
ku-silent ukuze lungaphazamisi.
Uma ufika sekwedlule isikhathi noma ungenayo indawo yokuhlala, yiba nendlela ehlelekile yokungena emaceleni, hhayi ukunqamula phakathi nendawo.
Uma uzazi ukuthi uzoshesha uhambe, ungahlali phambili, kuhle ube semuva ukuze ungaphazamisi abanye.
Muva nje siyayishutha ngisho imingcwabo kanti kudala bekusabeka futhi nomakhalekhukhwini abasebe-nzisa ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu, babengakabikhona noma babengandile.
Kabasandile nalabo esakhula kuthiwa bakhala kakhulu emingcwabeni, baze babe nesibibithwane.
Izinto seziphucukile manje.