Izindaba | 09
Friday, 02 May 2025
Yingxenye yesigodlo esisha esiseMkhambathini esizovulwa ngokusemthethweni ngeSonto.
AbaseNdlunkulu kaZulu bathembisa ukuthi kuzobe kufinywa ngendololwane...
Phumlani Gama
UZOBUSISWA wukuhanjelwa ngamakhosi ezizwe ezahlukene umcimbi wokuvulwa kwesigodlo saseNdlunkulu kaZulu esakhiwe eMkhambathini, maphakathi kweTheku noMgungundlovu.
Umcimbi wokuvulwa kwesigodlo esiqanjwe ngokuthi kuseKuthuleni KwamaZulu Royal Residence, uzobe ubanjelwe khona eMkhambathini ngezithuba zasemini ngeSonto.
Lesi sigodlo sakhiwe ngokubambisana kwabaNtwana baseNdlunkulu. Abakhi baso bebeholwa nguMntwana uSiboniso Zulu owuzalo lwaseNdlini yaKwaMinyamanzi. Indlu yaKwaMinyamanzi ibambe iqhaza elikhulu kakhulu embusweni wamaZulu.
UMntwana uVanana obengumdidiyeli wamabutho noMntwana Siphiwe Zulu obekhulumela iSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini bangabanye abaphuma endlini yaKwaMinyamanzi.
Lena yindlu okuzalwa kuyona uMntwana Gideon Zulu owaba ngungqongqoshe woMnyango wezeNhlalakahle kuhulumeni waKwaZulu.
"Mina ngizalwe, ngakhulela KwaNongoma. Ngokufunda ngibe sengidlulela eMgungundlovu. Kulapho engafika khona ngaziqalela owami umndeni njengoba ngibusiswe ngezingane ezintathu. Ngolunye usuku abadala bafika kimi, bangikhombisa intaba yamakhosi, okuyilapho okwabe sekuvela umbono wokuthi badinga isigodlo sabo.
"Kafushane nje ngozalo lwethu thina singabakaMntwana uMnyayiza ozala uMntwana uGideon. Ngakolunye uhlangothi, singabozalo lukaMntwana uNdabuko owayengumfowabo weSilo uCetshwayo kaMpande.
"Ngithanda nokuba ngiqinisekise abazofika bezokwethamela umcimbi ukuthi bazohamba bejabule, njengoba kumanje sezikhona izinkomo eziyisithupha ezizoginqwa ngalolo suku. Kuzoba khona inkomo yamakhosi ezizwe, eyamabutho.
"Iziphuzo zizobe zingangamanzi okuphala izikhumba," kuphetha uMntwana uSiboniso.
phumlani@ilanganews.co.za