09  | Izindaba

Friday, 19  December  2025

Ngokocwaningo, bunyuka ngo-20-30% ubugebengu ngoDisemba kuya kuJanuwari...

 Amacebo angakusiza ukuzivikela ngamaholide


I-Child Locator ngenye yezinto esizayo ukugwema ukulahleka kwezingane...
Image

Kugweme ukuyeka ingane ingene yodwa endlini encane
ema-mall, noma ezindaweni zokungcebeleka njengasebhishi nasemapaki.

Makhosi Dube

NJENGOBA sekuyisikhathi samaholide, baningi abazizwa bengomacaphunakusale njengoba abanye bethole amabhonasi, bahlukanisa nasezitokofeleni. Kunengoma kaDr Malinga ethi, “Akulaleki uma unemali”, umuzwa wemali wenza abantu bathande ukuzikhipha, bazule.

Yingaleso sikhathi lapho amaqola egadla khona kwabasuke benganakile, bejabulela amaholide. Namuhla sikunika amacebo angakusiza ukuzivikela kula maholide.

Image

Imali:

👉🏾 Qiniseka ukuthi ikhadi lakho lasebhange uyalishintsha ekutheni lenze lokhu othiwa yi-tap ngale kokufuna i-pinLokhu kuzokuvikela ikakhulu njengoba kunamaqola aphatha imishini ebukeka njengamaselula ebizwa nge-Ikhokha.

Ayisondeza eduze kwamaphakethe abantu noma izikhwama zabesifazane ukuze uma kunekhadi elingenayo i-pin, likwazi ukwenza lokhu esikubiza nge-tap, ngolwasemzini azitapele emalini yakho.

👉🏾 Uma kungenzeka qhelelana nama-ATM: Kungcono ukukhipha imali ngaphakathi ezitolo kunokukhipha kwi-ATM. Izinga lokucushwa kwemishini ekhipha imali, liba phezulu ngezikhathi zamaholide kungakhathalekile ukuthi ukuyiphi indawo.

Gada kakhulu ezinxanxatheleni zezitolo, yilapho izinswelaboya ziwucupha khona unoxhaka ngoba ziyazi ukuthi kumatasa, futhi abantu abaningi abacabangi ukuthi bangaqoleka.

👉🏾 Kugweme ukuphatha imali ewukheshi: Ngaphandle uma unesidingo sokuphatha imali, zama ukuqhelelana nayo. Lokhu kuzokusiza ekutheni ungazidonseli amehlo abantu. Ziningi izigebengu ezigada abaphethe imfumba yemali ezindaweni ezahlukene, ngakho ukushalazela ukuphatha imali kungakuhlenga ekutheni ungagcini usulandelwa, kumbe usuhlaselwa.

Image

Izingane:

👉🏾 Uma uhamba nezingane, uyakhuthazwa ukuba uthathe izithombe kumbe i-selfie kuleyo ndawo enisuke niya kuyo, noma ngaphambi kokuphuma endlini: Lokhu kuzokusiza ekutheni uma umntwana elahleka, ukwazi ukuveza isithombe sakhe sangalelo langa, okwenza kube lula ukuba asheshe ahlonzeke, kumbe atholakale.

👉🏾 Ezindaweni ezifana nezinxanxathela zezitolo, bheka ukuthi onogada bangakuphi: Uma uba nenkinga kubalula ukusheshe ubathole, uthole nosizo kunokugijima yonke indawo usubadinga, okwenza ulahlekelwe yisikhathi.

👉🏾 Yifunde indawo okuyo, uhlonze okuwuphawu oluthile ozolutshengisa abantwana: Ngalokhu bafundise noma ubatshele ukuthi uma kwenzeka bengasakuboni noma nilahlekelana, kuhle bayoma kulolo phawu kumbe indawo. Nawe qala khona ukuyobheka, ukuze nisheshe nitholane.

👉🏾 Gwema izipho eziwukudla ezinikwa izingane ngabantu ongabazi: Yize kuwubuntu ukuthi abantu baphe izingane oswidi noma izinto ngoba besemseni kaKhisimusi, kodwa lokhu kungaba nobungozi.

Lokhu kungaba yindlela yezigebengu yokudoba umntwana ukuze uma bembiza unganakile, angaxwayi. Kunobungozi futhi ngoba usuke ungazi ukuthi lokho kudla kunani. Ongakwenza wukubonga noma wena mzali ukuthathe ukufake ku-plastiki ukulahle ngesinye isikhathi.

👉🏾 Thenga iChild Locator: I-Child locator isebenza njengeGPS, ungayinamathelisa ezimpahleni zomntwana ihambisana ne-App eba sefonini yakho mzali, ongakwazi ukubona ngayo ukuthi umntwana ukuphi ngaso sonke isikhathi. Ikakhulu ezindaweni ezibhizi.

Image

👉🏾 Kugweme ukuyeka ingane ingene yodwa endlini encane ema-mall noma ezindaweni zokungcebeleka njengasebhishi nasemapaki: Qikelela ukuthi ingane awuyiyeki ihambe yodwa iye ezindlini zangasese noma ngabe inobulili obehlukile kobakho.

Ziningi izikhohlakali ezidlwengula, zintshontshe izingane ezindlini zangasese ezindaweni ezimatasa ngoba zisuke zibona ukuthi umntwana uyedwa.

Image

Ukubhukuda:

👉🏾 Ungahlali kude nalapho abantwana bebhukuda khona: Ngenxa yokugcwala, abanye abazali bayenqena ukuhlala phambi kwezindawo izingane ezibhukuda kuzona. Lokhu kubeka umntwana engcupheni yokuthi agwilize, adlwengulwe kumbe aqinelwe ngabadala, bamhlukumeze.

👉🏾 Izingane mazibhukude ngambili noma ngantathu: Uma niya ebhishi hamba nabantwana ababili noma abathathu ukuze uma omunye eba nenkinga, lo omunye noma abanye bezokwazi ukusheshe bakwazise.

👉🏾 Bagqokise imibala egqamile futhi ehlukile, uma kungenzeka mabafaniselane: Kokokubhukuda bagqokise imibala ezokwenza bagqame, ukwazi ukusheshe ubahlukanise kwezinye izingane.

👉🏾 Batholele amabhande abazobhukuda nawo anamagama abo, elakho mzali nenombolo yakho yocingo.

Image

Izimoto:

👉🏾 Qiniseka ukuthi awuthembeli ekutheni imoto izozikhiya: Izimoto zanamuhla ziyazikhiya ngale kokuthi umshayeli enze utho. Yize kuyinto enhle lokhu kodwa ngalesi sikhathi kumqoka ukuthi kube nguwe mnikazi oyikhiyayo, futhi uqinisekise ukuthi ikhiyekile.

Lokhu kuzokuhlenga kulabo abacupha izimoto ukuba zingakhiyi (key jamming), okwenza uthi ufulathela, nabo bafulathele nemoto yakho.

👉🏾 Ungayishiyi imoto isikhathi eside: Ezindaweni ohamba kuzo, qinisekisa ukuthi uyaphindela emuva kwesikhashana ukuyobheka imoto yakho lapho oyishiye khona. Lokhu kungakusiza ekutheni ingacwiywa, kumbe igcine isintshontshwa.

👉🏾 Bhekisisa ngaphambi kokuhamba : Yibhekisise imoto yakho ukuthi ayicwiyiwe futhi ayihuzuliwe yini, ikakhulu ezinxanxatheleni zezitolo. Ngalokhu uma kukhona amakhamera ema-mall, ungakwazi ukucela usizo ukuze ubone umenzi wobubi.

Image

Okumqoka:

Ziyakhuthazwa izakhamizi ukuba zibe ne-APP yamaphoyisa iMY SAPS komakhalekhukhwini. Lokhu kusiza ukuba ukwazi ukuthintana namaphoyisa ngokushesha uma zisenkingeni.

Ngaphezu kwalokho qiniseka ukuthi unazo zonke izinombolo ezibizwa ngama-emergency numbers efonini yakho, okungaba ezama-ambulensi, amaphoyisa, eyezicishamlilo nezinye.

Ngokocwaningo lwe-Engelsman Magabane Incorporated bunyuka ngo-20-30% ubugebengu ngoDisemba kuya kuJanuwari.

Ukugqekeza nobusela kunyuka ngo-40%
Obunye ubugebengu obunyukayo obuphathelene nokwebiwa kwezimoto, ukuqolwa kwabantu imali nangamakhadi, ukubulalana ngenxa yokweqisa ezinkambeni zikaFaro, nababoshelwa ukuzama ukukhokhela amaphoyisa uma bebanjwe bephambana nomthetho.

0