09 | Izindaba

Friday, 06 February 2026

Abamele izitshudeni banesikhalo nge-'Application fee'


Zikhokhiswa imali engabuyiswa uma izicelo zazo zingemukelwanga


Thandoluhle Ngubo

BUFISA ifakelwe izibuko bese iyahoxiswa eyokukhokhwa kwemali yokufaka izicelo ezikhungweni zemfundo ephakeme (application fee), ubuholi benyunyana yezitshudeni iSouth African Union of Students (SAUS).

Le nyunyana emele ubuholi babafundi bezikhungo zemfundo ephakeme kuzo zonke izikhungo zemfundo zakuleli, ithi ikholwa wukuthi uhlelo lokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme kalunabo ubulungiswa, ikakhulukazi kubafundi abaswele.

Imali yokubhalisa ngokujwayelekile iqala ku-R100 ize ifinyelele ku-R300 kubafundi bakuleli, okuyimali ekhokhwa kanye ingabuyeli kumfundi uma engasitholanga isikhala esikhungweni.

Okhulumela iSAUS, uDkt Thato Masekoa, uthi izikhungo kumele zikucabangisise ukukhokhwa kwale mali.

Image

"Lesi senzo sifana nokuvimba abafundi ekufinyeleleni ekusaseni labo, njengoba kuphoqa ukuba kukhishwe le mali ngaphambi kokuba isicelo sakho sicutshungulwe.

"Kuyenzeka uthole ukuthi izitshudeni ziphase kahle, futhi zinazo zonke izimfanelo zokungena ezikhungweni zemfundo ephakeme, kodwa zigcine zingakwazanga ukufunda ngenxa yokuthi kazinayo imali yokufaka isicelo," esho.


Unxuse uMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, ukuba ungenelele kulolu daba.
Ezinye zezikhungo zemfundo ephakeme ziziphendulele kulolu daba.

I-University of Cape Town, isingesinye sezikhungo eziphendulile. Lezi zikhungo zithi le mali yenza omkhulu umsebenzi okufana nokukhokhwa kwamaholo ezinye zezisebenzi, imisebenzi yansuku zonke nokuthuthukisa izinhlelo zobuchwepheshe.

Zicacise nokuthi izitshudeni okungezona ezakuleli, zibizwa imali eningi uma zifaka izicelo ngoba kuningi okudingekayo uma ziphasiswa.

Zichithe ukuthi inhloso yalolu hlelo wukuzicebisa ngokwazo. Zithi kabukho ubufakazi bokuthi le mali ikhalisa abafundi, njengoba isibalo sabafundi abafaka izicelo sikhula unyaka nonyaka.

Kulindeleke ukuba ukufakwa kwezicelo zokufunda kunyaka ka-2027, kuqale phakathi kukaMarch no-April kuya kuNovember kuwona lo nyaka.

0