08 | Izindaba
Friday, 18 September 2026
Uthi kumqoka ukuba baqeqeshwe, bangathembeli esibonelelweni sikahulumeni...
UMENZI Nxumalo unxenxa izinkampani ukuba zisondele ekufukuleni abaphila nokukhubazeka.
Thandi Zondi
UMLINGISI uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi.
Le nsizwa isungule inhlangano engayenzi inzuzo, iNokusa Support for Disabled People. Ithi inhloso yayo wukubhekela izidingo, iqwashise ngokubaluleka kokuthi abaphila nokukhubazeka bavulelwe amathuba njengawo wonke umuntu.
"Ukuphila nokukhubazeka akulula kunezinselelo eziningi kepha abakhubazekile kabawatholi amathuba njengabanye. Njengenhlangano kasikholelwa ekutheni abaphila nokukhubazeka kumele bayiswe ezikhungweni zabakhubazekile, kodwa kumele banikwe amakhono azokwazi ukubaphilisa. Nabo badinga amathuba njengawowonke umuntu," kuchaza lo mlingisi.
UMenzi usezakhele igama kwezokulingisa njengoba eseke walingisa kwiDurban Gen, iSmoke and Mirrors, iGomora nakuZalo.
Muva nje inhlangano yakhe inomkhankaso ewuqhuba ngaphansi kwesiqubulo esithi, "Take a Disabled Child to Work" oqala mhla ka-1 kuNovember, lapho benxenxa khona izinkampani ukuba zithathe izingane, zizifundise ngomsebenzi eziwenzayo emikhakheni eyehlukene.
Lokhu kuzozinika ithuba lokufunda ngomsebenzi, zithole ulwazi nokuzethemba.
"Sihlela ukuthi kube wuhlelo lwaminyaka yonke ukuze izingane nentsha zibone ukuthi kukhona okungale kwalokhu ezikubonayo uma zibuka impilo yokuphila nokukhubazeka.
"Sizosebenzisana neminyango kahulumeni, eminye isisivulele iminyango. Sinxenxa omasipala nezinkampani ezizimele ukuba zisondele nazo. Lokhu kuzosiza kwazona izinkampani ukuba zivulele amathuba abantu abaphila nokukhubazeka, zibheke nokuthi isimo bangasiphucula kanjani ukubasiza nabo njengengxenye yomphakathi," kusho uMenzi.
KwiNokusa uthi banemikhankaso eyehlukene abayenzayo, kumanje banikela ngama-walking sticks nama-wheelchairs ngokusebenzisana nomphakathi okuyiwo ohlonza abadingayo ezindaweni zasemakhaya nasemalokhishini.
"Sifuna ingane yasemakhaya ifane neyasedolobheni, zonke ziqeqeshwe ngamakhono lapho zikhona, kungabi wukuthi ophila nokukhubazeka uthembela kwi-grant kahulumeni kuphela," kuphetha yena.
Izinkampani ezifisa ukumthinta zingathumela
i-email ku: uzwidelo@gmail.com