Izindaba | 08
Friday 16 May 2025
UMnu Mathe ubonge zonke izinhlaka ezimesekile encwadini yakhe yokwesula...
Umkhandlu waseJozini uzohlangana ukuqoka imeya entsha...
NguMnu Mfananaye Mathe, oseshenxa esihlalweni sobumeya.
Phumlani Gama
LIBONGE ukwethenjwa yiqembu lalo nokusebenzisana okuhle ikhansela laku-ward 6 eMamfene, eJozini elifake incwadi yokwesula esikhundleni sokuba yiMeya yalo mkhandlu.
UMnu Mfananaye Mathe ubekhuluma neLANGA Lempelasonto emuva kokuba leli phephandaba libone incwadi yokwesula kwakhe kulesi sikhundla. UMathe uthi ubuholi beqembu bumazisile ukuthi bufuna ukwenza izinguquko ebuholini balo mkhandlu.
"Isikhundla sobumeya bekungesona esami, abanikazi baso yi-IFP. Uma ingazisa ukuthi ifuna ukwenza izinguqquko, akubanga yinkinga kimi lokho...
"Ngikwemukele ngezandla ezimhlophe lokho ngoba nangesikhathi inginika iketanga lobumeya
i-IFP kayibuzanga kumuntu, kunalokho yangethemba nje ngaphandle kokubheka isakhiwo somzimba nokuhlakanipha kwami.
"Nakuba ngiphumile kulesi sikhundla engingene kuso ngo-2021, ngizishaya isifuba ngokuthi iningi intuthuko engiyihambise emphakathini. Nomfowethu ozongena esikhundleni ngizomeseka kuzona zonke izinhlelo azobe ezenza.
"Okwenzekile ngikufanisa nokuba senkundleni, lapho khona kuthathwe umuntu obedlala phambili wayobekwa emuva ukuba avimbe ukuthi kungangeni amagoli. Ngizokwenza njalo-ke ngoba ngizokwenza isiqiniseko sokuba kungaphazamiseki izinhlelo zentuthuko ebesengivele ngiziqalile, nalezo ezikubanikazi bazo," esho.
Ubonge amakhosi ezizwe ezahlukene.
"Umasipala waseJozini unamakhosi awu-7. Kusukela ngingena esikhundleni ngasungula
i-budget yamakhosi lapho khona inkosi ngayinye inikwa u-R100 000 wokwenza imisebenzi nemicimbi yesizwe sayo.
"Ngibonga ukwesekwa engikuthole kosomabhizinisi abehlukene. Ngithobeke kakhulu nangokwesekwa ebengikuthola kubanikazi bamatekisi nabashayeli bawo ngoba iJozini, iyiJozini ngokuthi siqiniseke ukuphepha kwabagibeli okungamakhasimende abo, kanti kimi ngabelungu bami ngoba ngilapho engikhona nje, kungenxa yamavoti abo," kusho uMathe.
Leli phephandaba lithole ukuthi umkhandlu waseJozini uzohlangana namuhla ngoLwesihlanu uqoke imeya entsha. Imithombo iveza ukuthi ikhokhasi ye-IFP izoya kulo mhlangano iphethe igama likaMnu Nkosinathi Myeni oneminyaka ewu-15 eyikhansela laku-ward 01, eMhlekazi, oBonjeni.