Izindaba | 08

Friday, 27 June 2025

Image

NGUMCULI weJazz ongasekho emhlabeni, uFeya Faku.

Ingcweti ye-jazz ithi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kukaFeya Faku


Mthokozisi Dlomo 

UNGOTI emculweni weJazz, uDkt Sibusiso Mashiloane, ongumculi weJazz nomengameli weSouth African Association for Jazz Education, uthe lo mkhakha ugqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni komculi weJazz obedumile, uFezile 'Feya' Faku (63).

UMashiloane ongumculi weJazz, futhi ofundisa e-University of KwaZulu-Natal, ekhuluma neLANGA Lempelasonto ngoLwesine, uthe uFaku ubenethale-nte eliyisimanga lokudlala iTrumpet, futhi ekwazi ukungena khaxa kunoma yiluphi uhlobo lweJazz.

"Silimele kakhulu sonke ngoba kuningi ebesikufunda, nebesisazokufunda kuyena. Kuyethusa ukuthula koMnyango wezamaCiko kuzwelonke, ngoba uFaku ubenjengenxusa lezwe emazweni angaphandle, esebenzisa ithalente lakhe. Siyabonga nokuthi usishiye nebhuku lamaculo (song book) ezizokleza kulo izizukulwane ezizayo," kusho uMashiloane.

UFaku udlule emhlabeni ngoMsombuluko, eSwitzerland, lapho ebenamakhonsathi khona. Kuthiwa umphefumulo wakhe uphume ezilalele. Kubikwa ukuthi akafikanga ukuyozilolonga (rehearse), okuthe uma ozakwabo beyombheka lapho ebelele khona, bathola ukuthi useshonile.

UMongezi Makhalima, ongumsunguli weMzantsi Jazz Awards, uthe impilo kaFaku iwubufakazi bokuthi uma ulihlonipha ikhono lakho, futhi ukholelwa kulona, lingakubeka ezindaweni obungakaze waphupha ngazo phambilini.

Image

UFaku wazalelwa eNew Brighton, eGqeberha, e-Eastern Cape.

Uqale ukudlala iTrumpet ngokuzifundela, wase esizwa ngabaculi bangakubo, iningi labo ababedlala iSaxophone, okube nesandla ekwehlukeni kwesitayela sakhe sokudlala.

Ngo-1988, waqala izifundo zomculo e-University of Natal, (manje esiyaziwa nge-UKZN), esizwa ngemali yiNational Association of Democratic Lawyers, wathola iJazz Diploma ngo-1992. Ngemuva kwalokho, akabange esabheka emuva njengoba edlale nezingwazi zeJazz emhlabeni, wahambela namazwe ahlukene.

Osaziwayo endimeni yomculo okubalwa kubona noBlack Coffee, babhonge emswanini ezinkundleni zokuxhumana ngokudlula emhlabeni kukaFaku. Bamchaza njengomuntu obenomoya ophansi.

Kulindeleke ukuba sibuye maduze isidumbu sikaFaku kuleli. Umndeni ucele ukunikwa isikhathi sokuzila ngasese, wathi uzomemezela maduze ngezinhlelo zesikhumbuzo nezomngcwabo.


0