08  | Izindaba

Friday, 19 June 2026

Akumele bathole imali engaphezu kuka-R624 kuma-account abo abahola u-R370

OwakwaSassa uchaze izinto ezingaholela ekuvalekeni kwesibonelelo...

Uthi uma bathathwa njengabantu abangakwazi ukuziphilisa abangenelwa yimali engaphezu
kuka-R640, kuma-akhawunti abo...

Image

Thandoluhle Ngubo

SILOKHU siqhubekile isililo ezakhamizini zakuleli ezihola isibonelelo sabangatohozi sika-R370, "ngokuncikisela" kwaso njengoba zithi, kazivumelekile ukuthola enye imali ngaphandle kuka-R370.

Izikhalo zalezi zakhamizi zibe sematheni ngoLwesithathu ntambama enkundleni yokuxhumana i-X (twitter) ngesikhathi uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uveza ukuthi umatasa nezinhlelo zokuphothula isibonelelo esisha iBasic Income Grant, ohlela ukuthi uvale ngaso isikhala sika-R370, uma kuphela isikhathi sawo esengeziwe esizophela ngoMashi wonyaka ozayo.

Bephawula abahola lesi sibonelelo, bathi impilo inzima njengoba bengakwazi ukwemukela usizo lwemali ezihlotsheni zabo, ngoba ukuyemukela kusho ukuvaleka kwesibonelelo, nokuthatha isikhathi eside ukuthi sibuyele esimweni, baqhubeke nokusihola.

Bathi kabakwazi ukwemukela imali kuma-akhawunti abo, noma ngohlelo lwe-E wallet besebenzisa izinombolo ababhalise ngazo u-R370.

ILANGA Lempelasonto likhulume nesisebenzi sakwaSassa esingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, esicathulise abahola lesi sibonelelo  ngokwenza sivaleke.

Image

"Ngesikhathi kuqalwa lolu hlelo uhulumeni wakushicilela phansi kwaba wumthetho ukuthi umuntu othola imali engaphezu kuka-R624 ngenyanga, akavumelekile ukuthola isibonelelo sabangasebenzi. Uma bethola engaphezulu kuka-R624, bathathwa njengabantu abanazo ezinye izindlela zokuziphilisa.

"Lokhu wayekwenza (uhulumeni) njengendlela yokuzama ukunciphisa isibalo sabahola lesi sibonelelo, ngoba kuyiqiniso ukuthi uhulumeni akanayo imali," esho.

Eqhuba, uthi uma kwenzekile izakhamizi zakuleli zangenelwa yimali edlula u-R624, zavalelwa izibonelelo, kumele zifake isicelo sesibuyekezo (appeal) kwaSassa.

Uthi abacwaningimabhuku bakwaSassa bayaqinisekisa ukuthi bacwaninga imali etholwa yilezi zakhamizi zinyanga zonke, ukuze kungenzeki iphutha lokuholelwa kwabathole imali engaphezu kuka-R624.

"Kubalulekile ukuthi ngikucacise ukuthi mancane amathuba okuthi isicelo sesibuyekezo siphumelele ngenyanga yokuqala. Izisebenzi zakwaSassa zingalahlekelwa yimisebenzi uma kutholakala ukuthi kukhona abangenelwe yimali engaphezu kuka-R624.

"Yingakho ngihlale ngikugcizelela kwabathola lesi sibonelelo ukuthi bazame ezinye izindlela zokwemukela imali kubangani noma ezihlotsheni ngale kokusebenzisa izinombolo zabo zocingo," kuphetha isisebenzi.

Obambe njengomkhulumeli wakwaSassa uMnu Mbizeni Mdlalose, ucele ukuthunyelelwa imibuzo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.

0