07 | Izindaba

Friday, 29 August 2025

Image

YISITSHUDENI saseDUT, okusolwa ukuthi sizibulele esikhungweni.

Umkhankaso wokulwa nengcindezi ezikhungweni zemfundo


Lucky Cain

USEMKHANKASWENI wokuphilisa abafundi ngokomoya nangokomqondo ngomzungezo wezikhungo zemfundo ephakeme, umethuli wezinkulumo ezakhayo, futhi ongumbhali wencwadi iBible And Depression, uMnu Paul Nzimande.

UNzimande owaziwayo ngokwethula izinkulumo ezikhuthazayo emphakathini, uhambela izikhungo zemfundo ephakeme kulandela ukwanda kwesibalo sezitshudeni ezihlaselwa wukhwantalala, yingcindezi nokuphazamiseka ngokomqondo muva nje.

Ngeledlule kusabalale udaba lwesitshudeni saseDurban University Of Technology, okuthiwa siziphose kwelinye lamabhilidi alesi sikhungo, eThekwini. 

Ucwaningo lwakamuva lusanda kuveza ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe ahamba phambili ngokuzibulala kwabantu, ikakhulukazi abasha.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uNzimande (osesithombeni esingezansi), uzwakalise ukukhathazeka ngesimo sabafundi besimanje uma beqhathaniswa nabangesikhathi sakudala.

Uthe abafundi bamanje kuningi abahlangabe-zana nakho empilweni, kusukela ngendlela abakhuliswa ngayo emakhaya, kuya nempilo izitshudeni eziyiphilayo ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Image

"Esikutholile wukuthi ngemuva kobhubhane lokhuvethe, iningi labantu lihlaselwe wumkhuba wokukhohlwa, okugcine kwenza babe nesimo sokuphazamiseka ngokomqondo," esho.

Uchaze ukwanda kokuzibulala kwabantu abasha njengokudalwa yizimo ezahlukene, ezithinta indlela izingane zamanje ezikhuliswa ngayo.

"Uma ubheka indlela izingane ezikhuliswa ngayo manje, akusafani nakuqala njengoba sekugcwele ukwesaba empilweni. Izigameko ezenzekayo, zenza izingane zihlale zethukile ngenxa yokuthi amakhaya amaningi kawasafudumele njengakuqala.

"Abanye abazali kabanaso isikhathi sokulalela izingane zabo ngenxa yokuthi nabo bamatasa, babhekene nezingqinamba ezithile," echaza.

UNzimande uthi izingane zigcina zithola ukulalelwa ngaphandle, kwesinye isikhathi bese zithola izeluleko ezingaqondile.

Image

Uveza nodaba lwezinkundla zokuxhumana, athe zenza izingane zibe nokuzenyeza uma impilo yazo ingafani neyontanga abakulezi zinkundla.

"Zigcina sezizibona seziyizehluleki ngoba untanga uphila butebhu, zona zixakekile.  Okubuhlungu wukuthi maningi amanga aphilwa kulezi zinkundla, ngenxa yokuthi abantu bafuna ukuzizwa besemgangathweni, kanti eqinisweni akunjalo.

"Lokhu kwenza labo abaphila amanga uma sebehleli bodwa, bazibone ukuthi baphila impilo engeyona ngempela, kanti labo abasuke bebuka abaphila amanga, bazibone ukuthi ayikho impilo abayiphilayo," kuchaza uNzimande.

Uthe inhloso yokuhambela izikhungo zemfundo ephakeme, wukweluleka nokuthi izitshudeni ziphile ngokomqondo.

"Okokuqala esilwa nakho, wumuzwa wokuthi abantu bazothini, sigqugquzele ukuthi kube nokuxhumana, bese sikhuthaza ukwelapheka emoyeni. Lokhu sikwenza ngokuthi sibe nezitshudeni esisebenzisana nazo, eziwontanga  (balezi ezisezikhungweni zemfundo), ezizokwazi ukuthi zivuleleke ngaphandle kokuthi zijajeke noma ziphendulwe inhlekisa ngezinkinga zazo," echaza.

UNzimande uthe basebenza ngaphansi kwesiqubulo sokuthi, izitshudeni kumele zicabange okuhle, zizizwe zikahle ukuze zenze kahle empilweni.

Uthi usebenzisana nezinhlaka ezahlukene zangaphakathi kulezi zikhungo njengoba e-UKZN ebambisene neKampus Artist nezinye izinhlaka, naseDUT unezinhlaka abambisene nazo.

 
"Sisezinhlelweni zokubambisana neMangosuthu University, nayo esizoyihambela kungekudala," ephetha.

0