07 | Izindaba
Friday, 22 August 2025
Sekudlisa imibala nemihlobiso yesintu...
Mpume Sibiya
NGIKHULE kuyiphupho labesifazane abaningi ukuzicabanga beshada, begqoke ingubo emhlophe, esho ngemihlobiso ewubukhazikhazi.
Le micabango ibithi uma isikufikele kahle, uze uzibone usufana noCinderella uqobo.
Ubuzibona uhlobe ngesitayela sikanokusho ekhanda, ebusweni ubuzibona uyingelosi ngenxa yeziphaqulo ozakhela isithombe sendlela ozobe ubukeka ngayo.
Angithi lezi zinto besizibona kumabonakude, nathi size sifise ukuthi ngelinye ilanga sehlelwe yisibusiso somshado.
Nasemaphephabhukwini bekujwayeleke ukuthi kutshengiswe ngabesifazane abagqoke izingubo zemishado ezimhlophe qwa, befake nemihlobiso emihle yasekhanda, emqaleni, amacici, okwasezihlakaleni nezindandatho.
Konke lokhu bekukwenza ufise ukushada.
Kuthe uma kuhamba iminyaka, laya ngokwehla izinga labashada ngezingubo ezimhlophe. Baqala abantu bashada ngezingeminye imibala.
Kwabesilisa bekwaziwa ukuthi bagqoka amasudi amnyama, namahembe amhlophe nobhothayi omnyama bese behloba ngembali eduze kwephakethe lesudi. Nakubona abesilisa, baqalile babonakala ngamasudi emibala emhlophe, osakhakhi, o-powder-blue, o-green neminye.
Kuthe sisababaza lokho, sesiqala ukuyijwayela le nkululeko yemibala, kanti asibuzanga elangeni. Abasiki bengqephu bafihle induku emqubeni. Yembulekile inkungu, bathi mazibuye emasisweni, babambelela ezintweni zethu, hhayi ezabohlanga.
Bebelokhu bengenisa kancane kancane ezingutsheni zemishado ngokuthi thasi, imihlobiso yesintu.
Ngibashayela ihlombe abasiki bengqephu base-Afrika. Kumanje cishe uma uhambela imicimbi yesintu, ufica abantu behlobe ngezingubo ezisezingeni eli[phezulu, ngisho imishado imbala.
Inkululeko yokusabalala ngokudlala ngokotini, ibonakala ngezinga eliphezulu ekucikozeni ngezinhlobo ezahlukene zezingubo zemishado yesintu, lapho bexuba izitayela.
Imvamisa abantu abashada ngokwesintu, sebehloba ngendlela ecokeme, ngisho imihlobiso yakhona (theme) yomcimbi, uyabona ukuthi ngeyezinga eliphezulu. Kukhona konke lokhu, sibonga ukusuka kwenkungu ngokuthanda isintu sethu. Lapha ngibala zonke izinhlobo zemisiko yase-Afrika.