07 | Izindaba
Friday, 09 October 2026
Kuphenywa ngokuholele engozini edlule nemiphefumulo yabawu-10, eCato Ridge
Thandi Zondi
KUSOLWA ukuthi ubekhothe kwaze kweqa umshayeli wetekisi edale ingozi edlule nemiphefumulo ewu-10, eyenzeke ngoLwesithathu, eCato Ridge.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uphenya ngokuholele kule ngozi.
Umnyango uthi usujube ithimba eliyisipesheli elizophenya ngembangela yengozi yetekisi ebihambisa abaya emsebenzini, okunemibiko ethi umshayeli ubephuze amanzi amponjwana ngaphambi kokuba kwenzeke le ngozi.
Kuvela ukuthi le ngozi yenzeke ngesikhathi umshayeli ezama ukugwema obehamba ngezinyawo, wabe esehluleka wukuyilawula imoto, yashaya esihlahleni.
UNgqongqoshe walo Mnyango, uMnu Sboniso Duma, uthe kubuhlungu ukuthi kushone abantu abebondla imindeni yabo besendleleni eya emsebenzini.
Imindeni izophelezelwa yithimba eliyisipesheli ukuya emakhazeni
"Sikhiphe ithimba eliyisipesheli ukuhamba nemindeni ukuya emakhazeni, livakashele nemindeni elahlekelwe. Sizoqinisekisa futhi ukuthi abashone engozini bangcwatshwa ngesizotha. Umnyango kuphoqelekile ukuthi ungenelele, ikakhulukazi uma kushone abantu abangaphezu kwabayisihlanu engozini yomgwaqo," esho.
Uthi ngokusebenzisana nesikhwama sezingozi zomgwaqo (Road Accident Fund), bazovakashela imindeni ukuchaza kabanzi ngosizo olulethwa wuMnyango wezokuThutha ezimeni ezinjengalezi.
"Sizoxoxisana nemindeni ngokwehlukana ngezinhlelo zomngcwabo. Sifisela abalimale kanzima ukwelulana okusheshayo, abaphuthunyiswe ezibhedlela iR.K Khan, naseHibiscus," esho.
Lesi sibhicongo senzeka ngenyanga okuqhakanjiswa ngayo ezokuphepha emgwaqweni
UMnu Simon Zwane okhulumela iTraffic Management Corporation (RTMC) uthe: " U-October uyinyanga lapho kuqhakanjiswa khona ezokuphepha emgwaqweni.
"Kubuhlungu ukubona izingozi ezinjengalezi kule nyanga, lapho uhulumeni utshengisa osekwenziwe ukuphucula ezokuphepha
ezithuthini zomphakathi.
"Sinxusa abashayeli ukuba baqaphele, futhi bahloniphe imithetho yomgwaqo," esho.