07  | Izindaba

Friday, 13 March 2026

Kulobe: uMthobisi Sithole

Ezomphakathi

Kuthinteke nabagulayo kuvalwa imigwaqo eNkandla

Kuthiwa ngenxa yalo mbhikisho kuphume isidumbu eQhudeni abezimo eziphuthumayo bengakwazi ukufinyelela esigulini...

 SIPHAZAMISE nabezimo eziphuthumayo isiteleka saseNkandla, okubalwa nokuhanjiswa kokudla kweziguli ezibhedlela. Lesi siteleka semiphakathi yaseNkandla, sesiqede isonto kusukela ngoMsombuluko, kanti nangenyanga edlule-kutelekiwe isonto elilodwa.

Umphakathi ukhala ngemigwaqo eNkandla ukuthi kayikho esimweni esihle.

Ngokuthola kwe
LANGA Lempelasonto, kuthiwa ama-ambulance kawasahambi emini, kulindwa kuze kube sebusuku okuyilapho ethola khona intuba.

Kunembiko ethi kweminye yemindeni endaweni yaseQhudeni kuyona le ndawo, kuphume nesidumbu ngenxa yokuthi abezimo eziphuthumayo abasafinyeleli emphakathini uma kukhona abagulayo.

Leli phephandaba lithole ukuthi kulona leli sonto, umphakathi ugasele emtholampilo kwaDinuntuli ngaphansi kuka-Ward 9, watshela abahlengikazi ukuthi awuvalwe umtholampilo ukuze kuzwakale izikhalazo zawo.

Image

Yisibhedlela okuthiwa siphazamisekile eNkandla, kubhikisha umphakathi ufuna ukwakhelwa umgwaqo.

 Imigwaqo okukhalwa ngayo, kubalwa u-P16, P20, P50, P707, D787, D708, D878.

Umgqugquzeli wombhikisho uMnu Bongani Xulu, uthe okubaphatha kabi wukuthi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, awukaze usondele emphakathini, ulalele izikhalazo zawo.

"Abaholi beminyango kahulumeni bavotelwe yithina, kodwa uma sikhala ngezinkinga okumele basilungisele zona, bayasishalazela. Inkulu inkinga esibhekene nayo eNkandla, futhi angicabangi ukuthi ikhona indawo efana nalena ngemigwaqo enganakekelwa," kusho uXulu.

Uthi ingaphezulu kuka-100 iminyaka okwakhiwe ngayo le migwaqo. Ukholwa ukuthi abaholi bepolitiki bayakucindezela ukulungiswa kwemigwaqo kule ndawo.

"Akuqali ukuthi silwe, nangesikhathi umnyango usaphethwe nguSipho Hlomuka sibhikishile, wasithembisa ukuthi uzosilungisela," esho.

Uthi ngoMsombuluko bazoqinisa kakhulu ngoba sekucacile ukuthi izindlela abebezisebenzisa, azizakwali ezikhulwini zomnyango wezokuthutha.

"Abukho ubugebengu esizobenza, kodwa sizoyishintsha indlela yokuteleka," esho.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Ndabezinhle Sibiya ayiphumelelanga.

 mthobisis@ilanganews.co.za

0