06 | Izindaba
Friday, 12 June 2026
NGUMJOLISI ongumculi kamaskandi, othembisa ukudedela maduze amanoni amasha, azowaqhulula emcimbini iZwide Music Festival.
Lucky Cain
UMCULI kamaskandi uMjolisi, uthembisa ukuthi kuzoshaya usuku lomcimbi iZwide Music Festival, ngomhla ka-24 kuSeptember, esewadedelile amanoni amasha azojabulisa ngawo abalandeli balolu hlobo lomculo.
UMjolisi ukhulume neLANGA Lempelasonto ngesikhathi esemcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwawo, okuhloswe ngawo ukubuyisana nokubumba isizwe.
LO mcimbi uzobe ubophele abaculi abahlukene.
UMjolisi oyingxenye yabahleli balo mcimbi ozoba seCurries Fountain, eThekwini, uthe kuzokwenzeka okungajwayelekile njengoba kuzoba khona abazothola okuya ngasethunjini ngaphandle kokuthi baze babe yizicukuthwane.
“Siza nomcimbi owehlukile kakhulu, ozobe ubophele abaculi abehlukene abaqhamuka eminxeni eyahlukene,” esho.
Uthe kulo mcimbi bazobe begqamisa ukuhluka kwamaciko akhona kuleli.
“Sifuna kube khona ubumbano ngawo, intsha ingalahlekelwa yimvelaphi yayo. Sinxusa ukuthi njengoba kuyinyanga yamagugu, abantu mabaphume ngobuningi babo, yingakho sikhethe nosuku lwawo,” esho.
UMjolisi uchaza nangokuqanjwa kwalo mcimbi ngokuthi Zwide Music Festival, kususelwa egameni lenkampani abasebenzisana nayo, iMJ Smanga Holdings.
Uthi njengoba bewuqala lo mcimbi kulo nyaka, banefiso sokuthi wenzeke minyaka yonke njalo ngalolu suku.
Phakathi kwabaculi osekuqinisekisiwe ukuthi bazojabulisa abantu kulo mcimbi, kubalwa yena uMjolisi, uBabes Wodumo, uFeza, uMzukulu, uTira, Inkosi YamaGcokama, uHlengiwe Mhlaba, uNaledi Aphiwe, uKhuzani, uMenzi, uDladla Mshunqisi nabanye.
Amathikithi aseqalile ukutholakala eComputickets ngo-R100