06 | Izindaba

Friday, 22 August 2025

Image

NGEZINYE zezithombe eziheha abantu ezinkundleni zokuxhumana emcimbini, iClassic Sip and Paint.

Uhlose ukuletha 'impilo yaseMhlanga elokishini'

Uthi abantu bebengaqondi ukuthi kwenziwani kulolu hlobo lomcimbi

UMHLELI wemicimbi osemncane, uSphiwe Madiba (22), waseMlazi, uthi ngomcimbi iClassic Sip and Paint, uhlose ukuletha impilo ethathwa njengeyo-mntakabani, ayilethe elokishini.

"Ngesikhathi ngifikelwa yicebo lalo mcimbi, ngangicabanga ukuthi konje yini eyehlukile engingayilethela intsha nabadala elokishini, ezokwehlisa ingcindezi yaphakathi nezinsuku.

"Miningi imicimbi eba khona yokuzijabulisa, kepha iqiniso lithi akusiye wonke umuntu othanda ukujuxuza nomsindo," kuchaza le nsizwa ehlela imicimbi ngaphansi kwenkampani iDibo Events and Marketing.

USphiwe (osesithombeni esingezansi), uthi lolu hlobo lwemicimbi ubegcina ngokulubuka ezindaweni zabadla izambane likapondo.

"Ngibone kungcono ukuthi ngiwusondeze ngasekhaya ngoba abantu kabavulelekile kulolu hlobo lwemicimbi, futhi yenzelwa ezindaweni ezikude. Isiqubulo ebenginaso besithi, 'ngithatha uMhlanga ngiwuletha elokishini'.

"Yonke into ethinta ukuphucuzeka ngiyiletha ebantwini bakithi," esho.

Image

NGUSPHIWE Madiba (22), waseMlazi, ongumsunguli womcimbi iClassic Sip and Paint.

Lo mcimbi asewenze iminyaka emibili, uthi unenhloso yokuthi ungagcini eMlazi kuphela, kodwa usabalalele nakwamanye amalokishi.

"Ngenxa yokuthi uyakhula umcimbi nabantu bayangigqugquzela, ngifisa ukuthi ube yinto engizoyenza njalo ngemuva kwezinyanga ezimbili.

"
Nakuba sekukhona ingcindezi, kepha nginenkolelo yokuthi into uma ngabe usuyenza ngaphansi kwengcindezi, kayenzeki kahle, yingakho ngizozinika isikhathi esenele sokuhlela izinto kuqala. Wona maningi amathuba okuthi ngizowenza ," esho. 

Nakuba umcimbi iClassic Sip and Paint usuzakhele uthando kubantu, uthi ekuqaleni wahlangabezana nezingqinamba.

"Ekuqaleni abantu bebengaqondi ukuthi kwenziwani ohlotsheni olunje lomcimbi, kwadingeka ukuba ngibachazele kuqala. Kuthe uma sebebona izithombe nama-video ezinkundleni zokuxhumana, kwayima beqonda kangcono," esho.

Uthi emalini esuke ikhokhwa, kusuke kubalwa ibhodlela lewayini, ukudla nokupenda.

"Lona wumcimbi okwazi ukuthi uxhumane kuwona nabantu, wakhe nobuhlobo," kuchaza uSphiwe.

Uthi uhlela ukuthi umcimbi ukhule, agcine esemema namaciko azocula bukhoma.
tzondi@ilanganews.co.za

0