06 | Izindaba

Friday, 13 February 2026

Kusakhonya iKZN koweBig Brother Mzansi

Image

NGABANGENELE umncintiswano weBig Brother Bazozwa! Abanye babo sebephumile.

Lucky Cain

BASALE behlukene phakathi abathandi nababukeli bohlelo lukamabonakude, iBig Brother Mzansi Bazozwa, baKwaZulu-Natal, kuleli sonto kulandela isinqumo sokuthi bonke babe sohlwini lokuvotelwa ukuthi baphume.

Lolu hlelo lukhonjiswa esiteshini esiyisipesheli iDStv Channel 198, ubusuku nemini, nakuMzansi Magic Channel 161 ngeSonto.

Kuleli sonto oyinhloko kule ndlu, uMmeli, uBig Brother umnikeze umyalelo wokuba azungezise isondo ngenhloso yokuveza uhlelo okuzoqhutshwa ngalo, lokuqokwa abazovotela ukukhishwa kule ndlu.

Image

NGUBRAVO B omele iKZN kulo mncintiswano.

Kuleli sonto bekukhethwa ekutheni abangaphakathi baqokwe ngokuyimfihlo, baqoke ngokuvulelekile noma bonke baphakanyiswe ukuze bavotelwe, basinde ezembeni.

Isondo elizungeziswe nguMmeli, ligcine likhomba lapho okuthi wonke umuntu ongaphakathi endlini kaBig Brother kumele aphakanyiswe ngenhloso yokuthi asindiswe ngamavoti.

NgeSonto kulindeleke ukuba kube khona ophumayo noma abaphumayo kule ndlu, ngenxa yokungawatholi amavoti anele.

Image

UDUBE oseke waqokwa ukuba yi-Head of House, ungomunye wabamele iKZN.

Image

NGU-ILANO omele iKZN.

IKwaZulu-Natal ibukeka isamelelekile ngemuva kwamasonto ayisihlanu lolu hlelo luqalile ukukhonjiswa kumabonakude.

Lesi sifundazwe simelwe nguKing Wanda, uThandeka, uBravo B, u-Ashay, uDube no-Ilano.

Selokhu luqalile lolu hlelo, akekho owakulesi sifundazwe oke waphuma kule ndlu.

Kuleli sonto njengoba kuphakanyiswe wonke umuntu ngaphandle kukaMmeli, kuchaza ukuthi abathandi balolu hlelo nababukeli bakulesi sifundazwe, bazithole behlukana phakathi ngenxa yokuhlunga amavoti abo ngenhloso yokusindisa izithandwa zabo.

Image

I-KZN kubukeka izothwala kanzima ukuhlenga abantu bayo njengoThandeka, oyimele.

Lolu hlelo kunababukeka bethwelwe ngeqoma njengoba uThandeka no-Ashay, bebukeka beyizintandokazi zakulesi sifundazwe.

UBravo B noDube babukeka beluthola ugazi njengoba sebekhuza ibuya okwesibili kulolu hlelo, kanti u-King Wanda no-ILano bayakhula abalandeli babo, njengoba sebeqalile ukuzibonakalisa ngendlela abaphila ngayo kulolu hlelo.

Image

NGU-ASHAY ongenye yezintandokazi zaseKZN.

Akucaci ukuthi ngeSonto lolu hlu lwabaKwaZulu-Natal, luzobe lusaphelele yini njengoba, izembe lilokhu ligawule njalo ngamaSonto.

Kuzokhumbuleka ukuthi phakathi kwalabo asebephumile kule ndlu, kubalwa uMarcia owaziphumela ngenxa yokuba nengcindezi nokhwantalala, uLawredo no-Ofentse ababa ngabokuqala ukungawatholi amavoti anele.

Kube sekulandela uDene Jones noMashel, kanti ngeledlule kuphume uKoki, uBuhle B noMshefane.

Kuvalwe izolo ngoLwesine ukuvotelwa kwabamele baqhubeke nokuzinza kule ndlu kaBig Brother.

Image

UKING Wanda omele iKZN, kubonakala sikhula isibalo sabalandeli bakhe.


0