06 | Izindaba
Friday, 23 October 2026
Le ntokazi ithi ibiqala ukudlala indawo ephambili yize seyike yabonakala kweminye imidlalo...
Ngaphandle kokulingisa inguDJ, ithi lemisebenzi kayiphazamisani...
Lucky Cain
KUMKHULISILE ukulingisa indawo kaDkt Zethu Hlongwane emdlalweni iHomecoming, uSix Nyamane (28), waseNewcastle ongumlingisi osezakhele igama kumabonakude.
USix utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ubeqala ukudlala indawo ephambili kumabonakude ngale ndawo, nakuba eseke wabonakala nakwiGenerations.
Lo mlingisi uthi nakuba alwenza ucwaningo ngokulingisa udokotela, kodwa wayengazitsheli ukuthi uZethu uzobhekana nezingqinamba ezingaka.
"Kube nezikhathi lapho bengibhekene nezinkinga zami zangasese kungelula, kuphoqa ukuthi ngisebenze ngokuzimisela okuphindiwe. Kwesinye isikhathi bengike ngizibuze ukuthi kungabe yikhona lokhu ngempela engikufunayo empilweni yami," kusho uSix.
Uthe ukulingisa indawo kaZethu kumkhulisile kulo mkhakha, wakwazi nokubhekana nezingqinamba ezijulile kodwa wadlula kuzona. Uveze ukuthi sibe khona isikhathi lapho ake afikelwa wumuzwa wokuphosa ithawula kulo mkhakha, kodwa wakhetha ukuphokophela ngoba ekhumbula iphupho lakhe ngalo mkhakha.
Le ntokazi kayigcini ngokulingisa kodwa ingu-DJ. Isike yadlala ezindaweni ezahlukene zobumnandi okubalwa nasemkhunjini wodumo i-Oh' Ship, ohlelwa nguDJ Fresh no-Euphonik.
Ithe ukuba nguDJ ngenye yezinto ezifela ngayo futhi eziyikhululayo emoyeni.
"Ngiyakuthanda ngoba yilapho ngikwazi khona ukujabulisa abantu, ngenza into engikhulula emoyeni," kusho uSix.
Uthe okuhle ngokuba nguDJ, wukuthi akukaze kuphazamise umsebenzi wakhe wokulingisa.
"Ngiyakwazi ukuthi uma ngisematasa nokulingisa, ngimise eminye imicimbi engiqashwa kuyona, kanti uma ngisamile ekulingiseni, ngiyaqhabeka nokuklwebha amapuleti," esho.
Uthe ngenxa yothando lomculo, useqale izifundo zokudlala i-piano.
"Ngiyazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi lokhu kuzongisebenzela, ngisezinhlelweni zokukhipha umculo ngonyaka ozayo," kusho yena.
Uthe uzokhipha ingoma azoveza ngayo ikhono lakhe lokucula kuyona, futhi ezoba nesigqi se-deep house.
USix uqokwe koweSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards, eminxeni weBest Actress In Television.