06 | Izindaba
Friday, 11 September 2026
Kukhuthazwa abesilisa ukubhoboka ngomuzwa wokufuna ukuzibulala
Elakuleli lilele isine emazweni ase-Afrika ngokwesibalo sabathatha impilo yabo
Mthokozisi Dlomo
KUSOLWA indlela abantu emphakathini ababuka ngayo izinto nobunzima bempilo, njengezinye zezizathu zokwanda kwezigameko zokuzibulala eNingizimu Afrika.
Lokhu kuvezwe yisikhungo iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), njengoba izolo ngoLwesine bekugunjwa uSuku lokuQwashisa ngokuZibulala.
Lolu suku luhambisana nomkhankaso wenyanga yonke wokufundisa abantu ngalesi sihlava, kanjalo nezindlela zokubhekana naso.
U-80% wabantu abazibulalayo kuleli ngabesilisa
Izibalo zakamuva zenhlangano eyengamele ezempilo emhlabeni, iWorld Health Organization, zikhomba ukuthi iNingizimu Afrika ilele isine emazweni ase-Afrika ngokwesibalo sabantu abazibulalayo njalo ngonyaka.
Kubikwa ukuthi cishe u-80% wabantu abazibulalayo ngabesilisa.
Kuthiwa ukuthathwa komuntu wesilisa njengomuntu "okungafanele abe ntekenteke", okumele anakekele, yikhona okwenza abesilisa babe namahloni ukufuna usizo, bagcine sebenokhwantalala ngenxa yokungakhulumi ngezinto ezibakhathazayo.
Phakathi kwabantu abadumile kuleli aseke bazibulala, kubalwa abaculi uRikhado "Ricky Rick" Makhado, uJabulani "HHP" Tsambo nabanye.
Masingashalazelwa isihloko sokuzibulala
Isiqubulo sakulo nyaka somkhankaso weSadag sithi, "Yonke ingxoxo ibalulekile", njengoba kukhuthazwa abantu ukungasishalazeli isihloko sokuzibulala, nokuthi abantu bakhulume ngezinto ezithinta impilo yomqondo.
Ukubaluleka kokubuza umuntu ukuthi unjani emoyeni, nokumlalela ungamehluleli
"Kwesinye isikhathi ukubuza umuntu ukuthi unjani emoyeni, umlalele ngaphandle kokumehlulela, kungawenza umehluko," kusho iSadag.
Ithi kuyakhathaza ukuthi nakuba lukhona usizo (oluhlinzekwa yiyona iSadag) ubusuku nemini, futhi mahhala, kodwa abantu abaningi abaludingayo usizo, kabalusebenzisi.
Nazi izinto iSadag ethi zingakhomba ukuthi umuntu ubuswa wumcabango wokuzibulala:
- Wukuhlezi ukhuluma ngokufuna ukufa.
- Wumuzwa wokuzenyeza.
- Wukuzizwa uwumthwalo kwabanye abantu.
- Wubuhlungu obungabekezeleki emzimbeni nasemoyeni.
- Wukuzizwa ungenathemba, ungenasizathu sokuphila.
- Wukuzehlusa ebantwini.
- Wukungalali ngokwanele.
- Wubudedengu njengokushayela ngesivinini eseqile.
-Wukuphuza utshwala nokudla izidakamizwa ngokweqile.