06 | Izindaba

Friday, 27 February 2026

Izinkakha nezintandokazi kowe-Pre-Easter Gospel Festival

Kuboshelwe abaculi abamnkantshubomvu, nalabo abasakhula kulo mkhakha

Lucky Cain

UVUSE iqembu iNcandweni Christ Ambassadors, wabuyisa eThekwini nenkakha yomculi uSolly Mahlangu (osesithombeni esingezansi),  umcimbi waminyaka yonke obizwa ngePre Easter Gospel Festival, ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ngomhla ka-28 kuMarch nonyaka.

Lo mcimbi ohlelwa nguGah Ndlela ongumculi we-gospel, kuzobe sekungokwesikhombisa wenzeka kulo nyaka. Ubophele uhlu lwabaculi abamnka-ntshubomvu, nalabo abasebasha kulo mkhakha.

Image

Echaza ngomcimbi walo nyaka uGah, uthe kuyintokozo ukuthi  babuyela e-ICC.

"Ngonyaka owedlule asikwazanga ukuwenzela e-ICC, njengoba sagcina siwenzela eJesus Dome, eMayville. Sinethemba lokuthi nakanjani abantu bazophuma ngobuningi," esho.

Uthe nakulo nyaka bazoqhubeka ngendlela abajwayele ukuyenza, yokuhlanganisa abaculi abasebasha nalabo asebekhulile kulo mkhakha.

"Kuyasijabulisa ukuthi sigcine sikwazile ukuthi kuhlangane iNcandweni Christ Ambassadors, osekunesikhathi yagcina ukubonakala eThekwini.

"Bese kuvamise ukubonakala uTimothy Myeni yedwa, kanti kulokhu sizolibona liphelele iqembu, lishaya amanoni elaziwa ngawo," kusho uGah.

Uthe okunye okumthokozisayo, wukuthola uMfu Solly Mahlangu, osekunesikhathi ezama ukumthola ukuza kulo mcimbi.

"Sizizwa sithobekile ngale nceku yeNkosi ukuthi izoba nathi, njengoba nayo sekunesikhathi yagcina ukuzodumisa eThekwini," kusho yena.

Abanye ababoshelwe kulo mcimbi kubalwa uNtokozo Mbambo, uKhaya Mthethwa, uLusanda Beja, uNcebakazi Msomi nabanye.

Image

IZOQHULULA amanoni ayo iNcandweni Christ Ambassadors, kowe-Pre-Easter Gospel Festival.

UGah uthi kulo nyaka ngeke balwenze uhlelo abalusungula ngonyaka owedlule, lokuthungatha abaculi abazobhula amazolo.

"Kunalokhu sizothatha abathathu kulabo abawu-12 esabavundulula ngonyaka owedlule, sibanike ithuba, ngenhloso yokuthi nabo bakhule kulo mkhakha.

"Akusizi ukuthi sibaculise kanye bese sibashiya kanjalo. Kubalulekile ukuthi siqhubeke nabo,  ukuze nabo bakhule kulo mkhakha," kusho uGah.

Uthi labo abathathu bazobaqopha ukuze babe nezingoma zabo ngosuku lomcimbi. Unxuse abantu ukuba basheshe bawathenge amathikithi, ukugwema ukudumala.

Amathikithi atholakala eWebtickets nasezitolo zakwaPick n Pay noBoxer, kusukela ku-R250, kuya phezulu.

Amasango azovulwa seligamenxe ihora lesithathu, kanti umcimbi uzoqala sekugamanxe elesihlanu.

0