Izindaba | 06
Friday, 27 June 2025
Abamatende sebeqalile ukuwamaketha ukuheha abantu...
Imeya ithi kunohide lwemicimbi yokweseka iHDJ, eThekwini
Lucky Cain
KULINDELEKE abantu ababalelwa ku-45 000 abazohambela umcimbi walo nyaka weHollywoodbets Durban July, ozobanjelwa eGreyville Racecourse, eThekwini ngomhla ka-5 kuJulayi.
UMasipala weTheku usudalule ukuthi lo mcimbi uzothuthukisa umnotho wedolobha ngesamba esinganiselwa
ku-R690 million, futhi kuzodaleka namathuba emisebenzi angaphezulu kuka-4000.
Umcimbi walo nyaka onengqikithi ethi, Marvels of Mzansi kuhloswe ngawo ukugubha amagugu, umlando, amasiko nobuhle beNingizimu Afrika.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yilo masipala, lo mcimbi weHDJ ubalwa neminye edlala indima emqoka ekuheheni izivakashi, wukuthuthukisa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi emikhakheni eyahlukene.
IMeya uMnu Cyril Xaba (esesithobeni esingenhla) iveze ukuthi lo mcimbi uthuthukisa osomabhizinisi abasakhula abasemikhakheni okubalwa kuyo owemfashini nezindwangu, owezokuthutha, owezindawo zokudlela nokulala, owokucwala izinwele nokuphaqula, neminye ehambisana nezenjabulo nokungcebeleka.
Inxuse abantu ukuba baweseke lo mcimbi ngezindlela ezahlukene, futhi bathokozele ubuhle bedolobha eliphethe ubumnandi obahlukene ngale mpelasonto.
UXaba uqhube ngokuthi iTheku yindawo lapho kwenzeka khona izinto eziyingqophamlando.
Uveze ukuthi kunohide lwemicimbi ehleliwe ngayo le mpelasonto ehambisana neHDJ. Phakathi kwayo kubalwa iFact Durban Rocks, i-Anywhere in Your City, i-Any Given Sunday, iMojo's July Weekend
ne-All White Maxi's Lifestyle Party, ukukha nje phezulu.
Osaziwayo sebeqalile ukulungiselela ukuyoba yingxenye yalo mcimbi, njengoba nezinkampani ezizobe zinamatende seziqalile ukuwamaketha ukuze abantu nezitatanyiswa bakwazi ukuyojabula, babe yingxenye yalo mcimbi.