06  | Izindaba

Friday, 19 June 2026

Isihluku kubulawa unina nendodakazi

 Kuthiwa bekusanda kubulawa elinye ilungu lalo mndeni njengoba sekubulawa laba nje

Usizwe wukucasha umnumzane wekhaya ngesikhathi ebona ababulali...

Image

Skhosiphi Mthembu

KUSOLWA ukuthi bekucinywa ubufakazi kubulawa owesifazane nendodakazi yakhe esigamekweni esenzeke eMaoti, eNanda, eThekwini ebusuku ngoLwesithathu.

Kuthiwa kugasele abantu abangaziwa emzini wakwaNtshangase, badubula uNkz Thandeka Ntshangase (53) nendodakazi yakhe uNkz Silindile Ntshangase, bashonela khona lapho.
 
Kubikwa ukuthi ubaba wekhaya ukwazile ukubaleka wayocasha egunjini lokulala, kwaba wukusinda kwakhe lokho.

Ngokwesitatimende senkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA), inhloko yekhaya ibihleli nababulewe egunjini lokuphumula, ngesikhathi bezwa umsindo ngasekhishini. Kubikwa ukuthi inhloko yekhaya ibe isiyobheka  yazithela phezu kwababulali okuthiwa bebezifihle ubuso, begqoke izimpahla ezimnyama.

Kusolwa ukuthi ababulali bangene ngomnyango wasekhishini. Kuthiwa ubaba wekhaya ube esebaleka ngesikhathi ebona laba yayongena egunjini lokulala ababulali baqonda kumama wekhaya nendodakazi yakhe, bafike babadubula bashona.

Ngokombiko wabeRUSA, akukho okubonakala sengathi kuthathiwe endlini.

Umthombo waleli phephandaba ulihlebele ukuthi abafi babulawa nje, bekusanda kubulawa ngesihluku elinye ilungu lomndeni lakhona kulo muzi kanti kunezinsolo zokuthi bekugqitshwa ubufakazi.

"Yize singeke sisho ukuthi bekubangwani kodwa uma nawe ungayibukisisa lento, akukwazi ukuthi kusanda kubulawa ilungu lomndeni bese kuboshwa abantu, kuthi kusabhekwe lokho, manje sekubulawa abanye futhi," kusho umthombo waleli phephandaba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uSgt Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala kulandela lesi sigameko esenzeke ebusulu eMaoti. Uthe amaphoyisa a bekungakaboshwa muntu.

0