06 | Izindaba 

Friday, 05  September 2025

I-ANC imise ikhansela elisolwa ngodlame nokudlwengula

 Lithintwa ikhansela lithe belingakatshelwa lutho lona 

Image

Lucky Cain

I-ANC KwaZulu-Natal imise, yahoxisa okwesikhashana ukusebenza kwekhansela likaMasipala waseMandeni, kulandela izinsolo ezishaqisayo zokuvulela ngesibhaxu emalungwini omphakathi nokudlwengula.

Ukumiswa kwaleli khansela lakuwadi 17, kuqinisekiswe yi-ANC esitatimendeni esikhishwe yisigungu sesikhashana saleli qembu kulesi sifundazwe.

Kulesi sitatimende kuvela ukuthi kunesigameko lapho leli khansela lavulela ngesibhaxu elungwini lomphakathi elalisolwa yileli khansela ngokweba impahla yalo.

Image

Siqhuba ngokuthi imiphumela yolibofuzo yaveza ukuthi nebala yilona leli lungu lomphakathi elalinyamalele.

Okhulumela i-ANC esifundazweni, uMnu Fanle Sibisi uthe i-ANC izigxeka ngokuphindiwe izigameko zodlame nokusebenzisa budlaba amandla, nokuziphatha ngendlela ethunaza amalungu omphakathi.

"I-ANC izibophezele ukuqinisekisa ukuziphatha kwamalungu ayo ngendlela ehloniphekile, futhi ehlonipha amalungelo abanye," kusho uSibisi.

Uthe isinqumo sokumisa leli khansela  sithathwe ngenhloso yokukhombisa ukuzibophezela kwe-ANC ukubeka phambili ukusebenzela abantu, nokuqinisekisa ukuphepha kwabo.

Unxuse amalungu omphakathi ukuba asebenzisane nezinhlaka zokuphepha, ukuqinisekisa ukuthi zonke izenzo zobugebengu ziyaphenywa ngenhloso yokwakha indawo yomphakathi ephephile, futhi ekulungele ukuhlala abantu.

Lithintwa leli khansela, liveze ukuthi belingakezwa ngokumiswa kwalo, lathi lona liseyikhansela futhi lisaqhubeka nokusebenzela abantu.

Liqhube ngokuthi lizolinda i-ANC ixhumane nalo, njengoba kuyiyona eyalijuba ukuba lisebenzele umphakathi. Mayelana nodlame olubhekiswe emphakathini nezinsolo elibekwa zona lithe, akukho elikwaziyo ngazo.

0