05 | Izindaba

Friday, 08 August 2025

UBig Zulu uzwakalisa ukukhathazeka ngokwenzeka kumaskandi


AbeMpucuzeko Maskandi Festival, bathi bazosicubungula isicelo sakhe

Image

NGUMCULI kamaskandi uMfoka Msezane

Mthobisi Sithole

UNESIFISO sokuba kuphakanyiswe abaculi bakamaskandi abanganakiwe kwiMpucuzeko Maskandi Festival - eyanonyaka ezokuba mhla ka-30 kule nyanga ePeople's Park, Moses Mabhida, eThekwini - umculi we-hip-hop, uSiyabonga "Big Zulu" Nene, wasoKhahlamba.

Uveze lokhu engxoxweni yakhe neLANGA Lempelasonto, emuva kokuba ebhale ekhasini lakhe leFacebook, ecela kubahleli beMpucuzeko ukuba baqashe omunye wabaculi abangakaveleli kakhulu kumaskandi, uMfoka Msezane wasoNdini.

 Ubhale ukuthi njengoba lo mcimbi umkhulu kumaskandi, futhi uhlale uvula amathuba omsebenzi emacikweni ahlukene, ubecelela umfoka Msezane ngoba unengoma enkulu.

"Inhloso enkulu wukusiza amaciko amasha enza kahle, ukuba athole ithuba. Siyacela iMpucuzeko imvulele naye amathuba omsebenzi ukuze akhone ukuthola ukuqasheka njengoba kwenzeka nakuMayogathi nyakenye," kubhale uBig Zulu.

Utshele leli phephandaba ukuthi kumphatha kabi ukuzitshwa kwabaculi bakamaskandi abafikayo endimeni, ekubeni banengoma ethandwayo.

Uthe kweminye imikhakha yomculo uma iciko lishaye ingoma enkulu, liqashwa ngapha nangapha.

"Kumaskandi liyazitshwa iciko, idume ingoma yalo, kodwa lingaqashwa.

"Iyahlupha le nto eyenzeka komaskandi ngoba abathandi bawo balandela kakhulu iciko isiqu salo, hhayi ingoma yalo emnandi. Okunye okuwumthelela wokuzitshwa kweciko likamaskandi, wukuthi kubhekwa nokuthi liphila nobani endimeni yalo mculo, ngaphambi kokuba liqashwe.

 "Ngakho-ke lokho kuyawalimaza kakhulu amaciko kamaskandi. Nginesifiso sokuthi  njalo ngonyaka, iMpucuzeko ibheke iciko elisha elingenisile kulo mculo, bese linikwa ithuba lokunandisa emcimbini, futhi lokho kwenzeke ngesikhathi esihloniphekile, sekugcwele nabantu," esho.

Image

NGU-BIG Zulu

Uthe njengoba nyakenye ecelele uMayogathi ukuba aqashwe kwiMpucuzeko, lokho kuthele izithelo ezinhle kulo mculi ngoba abaningi baqale lapho ukumnika ithuba nakweminye imicimbi.

"UMayogathi uyangithumelela nezithombe zakubo, engibonisa ukuthi useyakha, ebonga engakwenza kuyena. Mina-ke kuyangikhuthaza ukubona iciko liphusha ngamandla umsebenzi walo, yingakho ngithanda ukuba lilekelelwe.

"UMfoka Msezane usecule nabantu abaningi izingoma ezithandwayo, kodwa yena usilele kowakhe umsebenzi ekubeni umculo wakhe usematheni kulezi zinsuku. Ngibona engawatholi amathuba amfanele, " kusho uBig Zulu.

UMgqugquzeli weMpucuzeko, uMnu Xolani Mcineka, uthe bazosicubungula isicelo sikaBig Zulu.

Image

NGUKHUZANI Mpungose ongomunye wabaculi abazoshiyelana inkundla kwiMpucuzeko.

Kubaculi abazoshiyelana inkundla kwiMpucuzeko, kubalwa uGatsheni, uStabhilithi, uMzukulu, uKhuzani, uNjoko, uMenzi, uMjolisi, uJaiva, iMfezemnyama, uLimit, Amageza Amahle, iNkosi Yamagcokama, uDumakahle, iThwasa Lekhansela, uBahubhe, uSminofu, uMashelela, uMroza, uMfiliseni Magubane, uNtencane, uFalabo, uMdumazi, iMithente, Izingane Zoma, uBuselaphi, iNyonemhlophe,uSaliwa, uNdoni, uMafikizolo, u-Ali Mgube, uQhosha, uCevuzile, uJumbo, uSkweletu, uDumakahle, Amavikelambuso nabanye. Amathikithi omcimbi atholakala eComputickets ngo-R15O.
mthobisis@ilanganews.co.za

0