05  |Izindaba

Friday, 30 October 2026

Kulobe: uThokozani Ndlovu

Ezezinkantolo

 Bashaqiswe yincwadi yemeya eyeseka imenenja esobishini

 Enkantolo abantu bavele bababaza, bethuswa wukuzwa okuqukethwe yincwadi yenkosi...

Image

NguMnu Langelihle Jili oyimenenja kaMasipala uThukela, obhekene namacala enkohlakalo.

KUMANGALE abaningi eNkantolo yesifunda yaseThekwini ngesikhathi kufundwa incwadi okuthiwa ibhalwe yiMeya yoMkhandlu uThukela, iNkosi uNtandoyenkosi Shabalala iveza ukuthi izimisele ngokwamukela kumasipala imenenja uMnu Langelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili.

Incwadi ifundwe ngummeli kaJili, u-Adv Paul Jorgensen.


Incwadi ebhalwe yaze yasayinwa yiyona inkosi,
ILANGA Lempelasonto eliyibonile, ithi uJili umsulwa kuze kube utholakala enecala.

Image

Enkantolo abantu bavele bababaza, bethuswa wukuzwa lokho.

Kuphinde kwavela ukuthi inkosi izimisele ngisho nokugibela ebhokisini, iyofakazela uJili.


Ummeli kaJili uveze ukuthi okushiwo ngumphenyi wecala uWarrant Officer Nkosinathi Dlamini ngezinto anazo ummangalelwa, kuyindlela yokudweba isithombe esibi ngaye, ukuze inkantolo ibone sengathi akathembekile.


Ummeli ube eseveza uhla lwezimoto zikaJili okuvele ukuthi yizimoto ezindala njengoba kukhona neBMW 3 series ka-2007. Ezinye ezibaliwe amaToyota Hilux amane, okuvela ukuthi enye seyakhishwa emgwaqweni.

Kuwona kukhona eka-1995 esiyakhishwa emgwaqweni, aka-2015 amabili, neka-2019, amaToyota Quantum amahlanu, iToyota Fortuner ka-2023, iVW Golf ka-2015, iRange Rover Sport ka-2015. Kuvele ukuthi kukhona nenqola ka-2019 esiyakhishwa emgwaqweni.

Image

Ngokwemizi kuvele ukuthi omunye wayo oseRichards Bay uwuthenge ngemali mboleko yakwaSA Home Loans, awuthengwanga ngokheshi.
OseDurban North wona kuthiwa uwuthenge ngokuhlanganyela noNkz Thembelihle Shoba.
OseShowe kuvela ukuthi wona wawuthenga ngesikweletu ngo-2009.

Ummangalelwa wesibili uMnu Bongumenzi Dlamini, kuvele ukuthi ungumshayeli wezimoto ezikhokhelwa ngebanga. Indaba yokuthi uthola amathenda kuMasipala uThukela, ummeli uthe ayikho asake wayithola.

Uthe wake wasifaka isicelo sethenda ka-R75 000, kodwa sachithwa. Kuphinde kwangatshazwa indawo ahlala kuyona eMkhumbane, okuvele ukuthi ayiqondakali ngokophenyo lwamaphoyisa kwase kubizwa uMnu Siyabonga Sikhakhane obezomfakazela ukuthi uhlala naye, futhi baqashile.


Isicelo sebheyili sizoqhubeka namuhla njengoba singaphothulwanga izolo ngoLwesine.


IMantshi uMnu Garth Davis ithe nendaba yokubuyiselwa kukaJili emsebenzini kumele ibhekisiswe, ngoba uma ededelwa ngebheyili, kukhona abanye abathola umsebenzi kumasipala ezwe kuthiwa bayakhala.

0