04 | Izindaba

Friday, 09 October 2026

Usobishini 'osikaze inkosi yesizwe ngesikhwili'


Ulilahlela kuNgizwe Mchunu leli cala

Image

NGUNGOBAMAKHOSI Ntombela osolwa ngokusikaza inkosi ngesikhwili.

Mthobisi Sithole noNhlanhla Hudla

UZIFAKE obishini osikaze inkosi yesizwe ngesikhwili, embhikishweni weqeqebana 'lebutho' ebeliphazamisa umhlangano wamakhosi neNgonyama Trust, muva nje  e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.

UNgobamakhosi Ntombela ozakhele ukugqama kwiMarch and March, ngesikhathi kubhikishelwa abokufika abakuleli ngokungemthetho ezinyangeni ezinhlanu ezedlule, uqubule ukukhuluma ebhiyoza ngenduku, wasikaza iNkosi uZakhe Mpungose ngesikhwili.

Image

NGUNGIZWE Mchunu uNgobamakhosi athi babethunywe naye,  e-ICC, eThekwini.

Lokhu kusukumise abantu bakwaMpungose, eNkandla, baveza ukungahambisani nokwenzeke kule mbizo.

UThibela Mpungose ogidela umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose, uvalele ekhoneni uNgobamakhosi behlangana kweminye yemicimbi eSangoyana, eMpangeni, ngempelasonto emshushisa ngesenzo sakhe.

"Le nto eyenziwe yilo mfana angiyifuni. Akukwazi ukuthi ubhuti asikazwe ngabafana abancane sikhona. Isizwe sakithi sonke siyaveva ngale nto eyenziwe ngumfana wakwaNtombela.

"Ngihlanganile naye, ngabuza kuyena ukuthi yini ayihlelile ukulungisa lesi simo enkosini yakithi ngoba ngeke sikuvumele lokhu okwenzekile kuphelele kanjena," kusho uThibela.

Amakhosi aseNkandla asethathe izinyathelo, axhumana nomndeni kaNgobamakhosi

ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi amakhosi aseNkandla aseziqalile izinhlelo zokusukumela lolu daba, njengoba iNkosi uThembinkosi Xulu, isixhumanile nabazali bakaNtombela.

Leli phephandaba lixhumane neNkosi yakwaXulu okuthiwa yiyona esingethe lolu daba esigabeni samakhosi.

Ithe isixhumanile nomndeni wakwa-Ntombela, sekusele ukuthi kuxhunywane nenkosi yakhe uNtombela.

Ethintwa uNgobamakhosi ngalolu daba, ithe akukho okutheni engakusho ngoba okwenzeka, kwakuyiphutha.

"Empeleni ngangingazi ukuthi kukhona amakhosi, ngiyezwa nje ukuthi kwabe sekwenzeka ngibambelela eduze kweNkosi yakwaMpungose ngephutha.

"Okuningi ngeke ngakuphawula, kwazise nathi siphethwe ngabaholi bethu, futhi sasingazithumile ukuya la esasiyekhona. Kayikho indlela engingalungisa ngayo lesi simo.

"Ngike ngakhuluma nomfowethu uThibela, naye wangazisa ukuthi kukhona iphutha elenzeka, ngabe sengimchazela ukuthi akukho engakwenza ngenhloso. Anginawo kodwa amandla okukhuluma ngokwenzeka, kumele kube nguNgizwe Mchunu," esho.

0