04  | Izindaba

Friday, 30 October 2026

Usephenduke isitha esithandwayo uMafutha ezinkundleni zokuxhumana

 Uthi isitayela afike naso ezinkundleni zokuxhumana sigqugquzele abakanobhutshuzwayo...

Image

 Lucky Cain

UZIQALE ezidlalela izinkundla zokuxhumana uMafutha Sokhela (26), osephenduke isitha esithandwayo kubalandeli bebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.

USokhela okunguyena osebenzisa inkundla yokuxhumana yeqembu lebhola iTS Galaxy, usematheni kulezi zinsuku kubalandeli bebhola, kulandela izinto azifakayo, ezigxibha amanye amaqembu azobhekana neGalaxy kweyeBetway Premiership.

Image

Muva nje uzakhele isigcwagcwa ezikhulwini zeKaizer Chiefs nakubalandeli baleli qembu, ngokubiza abadlali balo ngezimbongolo kulandela ukungenzi kahle kwalo, kusukela kuqale le sizini.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto ngale mibhalo yakhe esuse umsindo, uthi kwaze kwaphoqa ukuthi iChiefs ikhiphe isitatimende, inxenxa iGalaxy ukuba iyihoxise.

UMafutha uthe ngemuva kwesitatimende seChiefs, umphathi weGalaxy, uTim Sukazi umbizile, wamchazela ukuthi kungani lo mbhalo ogxibha iChiefs kungamele ususwe, futhi inhloso yawo wukukhuthaza nokubuyisa intshisekelo ebholeni likanobhutshuzwauo laseNingizimu Afrika.

Image

 NguWandile Duba weKaizer Chiefs noMafutha Sokhela owengamele izinkundla zokuxhumana zeTS Galaxy, osephenduke isilomo ngokugcona amanye amaqembu.

Uthe ngesikhathi eqala ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana, wayezidlalela njengoba aqala eqopha uBobo Mbhele, naye osephenduke intandokazi ezinkundleni zokuxhumana.

Uthe ngokwakhe wayengakaze acabange ukuthi uyoke aziphilise ngezinkundla zokuxhumana, njengoba sezimakhele ugazi nodumo ebantwini abaningi.

Uthe ukukhula kwakhe ezinkundleni zokuxhumana usebenze nabaculi abahlukene ebadumisa ngezindlela ezahlukene. Ubalule abaculi okubalwa kubo uSbahle, uMfana KaGogo, uFezeka nabanye, ngaphambi kokuba anxenxwe yiqembu lebhola iGolden Arrows.

Image

Uthi ngesikhathi enza izinkundla zokuxhumana
ze-Arrows, kuningi okushintshile ngendlela abalandeli bebhola abebezilandela ngazo,  nesibalo sabazilandelayo sinyukile.

Lokhu kudalwe yizingxoxo ezinamancoko abezenza nabadlali, waphinde waqhamuka nesiqubulo esike saduma kubalandeli bakamaskandi, sokuthumana uphuthu. I-Arrows ike yaduma ngokuthi yiqembu elithumana uphuthu uma lihlule elinye iqembu elidlala nalo.

Uthi indlela afike nayo ezinkundleni zokuxhumana kubalandeli bebhola, kwenze abantu bawabheka ngezinye izindlela amaqembu ebhola nabadlali.

Uthe nakuba ebenokuwagcona amanye amaqembu, kodwa abadlali bebekhuthazeka ukuthi bazimisele, futhi nabalandeli bebeba nentshisekelo yokuvikela amaqembu abo, abanye baze bazifikele mathupha ezinkundleni okudlala kuzona amaqembu abo.

Uthi uqale ukusebenza ngokugcwele neTS Galaxy ekuqaleni kwale sizini, nakuba ibikhona eminye imisebenzi abeyenza naleli qembu ngemuva kokushiya kwi-Arrows.

Uthi kuyamthokozisa ukubona abalandeli bamaqembu ebhola likanobhutshuzwayo bemphendula, abanye bekhombisa ukumthanda, kanti abanye kabamfuni.

"Okuhle wukuthi noma bekhona labo abangangifuni, kodwa kuhambisana nomoya wezemidlalo ngoba kusuke kungaliwa, kodwa kuncokolwa ukuze kukhuthazeke abadlali," esho.

Image

Uveze ukuthi nabalandeli beChiefs, kukhona abaxhumane naye, bakhombisa ukumncoma ngokuchwensa abadlali baleli qembu ngoba bakhombise ukuvuka emaqandeni.

"Ngikhuluma nawe nje, kunabalandeli abangifakela imali, abanye bangithumelele nezipho. Kukhona nje ongithumelele isipho se-iPhone, okusho khona ukuthi bayakubona okuhle engikwenzayo," kusho uMafutha.

Uqhube ngokuthi ngalo msebenzi wakhe, kunamaqembu amakhulu asemfuna uthuli ukuthi azokwenza izinkundla zokuxhumana zawo, kodwa usathembekile kwiGalaxy.

Uthe ngaphandle kokusebenza neGalaxy, uphinde asebenze ngeyakhe inkundla yokuxhumana, lapho esebenza ukukhangisa imisebenzi yezinkampani ezizimele, kanjalo nemicimbi eyahlukene yobumnandi namaciko.

0