04 | Izindaba

Friday, 27 February 2026

Image

Ukhuthazwe wukushisa izikhotha kwengoma yakhe, wahoxisa  isinqumo sokuwuyeka umculo, abesesithathile


UNtencane uthi bekumhlukumeza ukumenywa emicimbini, bese edlala izingoma zakudala


Mthobisi Sithole

UBESETHATHE isinqumo sokuhlaba ikhefu emculweni kamaskandi, uSenzo "Ntencane" Zondi (osezithombeni), ukuba ubehluleka ukukhipha ingoma ezojabulisa abantu kulo nyaka.

Lo mculi utshele leli phephandaba ukuthi ubekade esethathe lesi sinqumo, ngenxa yokuthi kuke kwathuleka ngaye, ekubeni ekhipha.

Uthi akulungile ukuthi umculi akhiphe kathathu kungabikhona neyodwa ingoma ethakaselwa kakhulu, ichume.

Uthi ubezothatha ikhefu leminyaka emithathu, abuyele atafuleni, eyodweba kabusha amaqhinga omculo.

Uveze lezi zindaba echichima yinjabulo, ngenxa ye-albhamu yakhe entsha edla ubhedu, esihloko esithi, "Awuyiphumuze".

Image

Le albhamu enezinsukwana iphumile, iqukethe izingoma okubalwa kuzona ezithi, "Ukhethe Mina", "Engalobolile", okuyizingoma esezihlanganise i-million ngayinye labantu abayilalelile.

Lezi zingoma uzethule ngokusemthethweni ngempelasonto edlule.

"Nyakenye ngilimalile ngoba umsebenzi womculo wami kawuhambanga kahle. Ngicabanga ukuthi ngihlulekile wukugqiba umgodi ebengizimbele wona eminyakeni edlule.

"Ngakho-ke kulo nyaka ngenze okwehlukile. Abantu abangidlalela izigingci, angizange ngibatshele ukuthi mabashaye kanjani, ngithe mabenze ngendlela yabo, ukuze ukucula kwami kwehluke.

"Bengingafuni isitayela sezingoma ezindala nezintsha, sifane," kusho uNtencane.

Uthi intsha yiyo ehamba phambili ekuthakaseleni umsebenzi wakhe

Uthi ukujabula kwakhe kukhulu kakhulu ngenxa yokuthi intsha isahamba phambili ekuthakaseleni le-albhamu.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi bekumhlu-kumeza ukuqashwa emicimbini bese efika kuyona acule izingoma zakhe ezikhishwe eminyakeni edlule.

"Uma ungumculi, kufanele ugadle emicimbini ngezingoma ezintsha. Kubuhlungu ukucula izingoma owawudlisa ngazo kudala, ekubeni abanye abaculi befika bacule izingoma zabo ezintsha," esho.

Uthi kulo nyaka uzamile ukuxuba izitayela ezihambisana nabantu abadala, nezizothandwa yintsha. Phakathi kwezinye izinto athi uzozisukumela kakhulu, wukuhambela izikhungo zemfundo ephakeme, amakethe umculo wakhe kuzo.

Uthi izitshudeni ziyesekana kakhulu. Uthi kulezi zikhungo zemfundo ephakeme, ngeke agxile KwaZulu-Natal kuphela, kodwa nalezi ezingaphandle, okubalwa i-University of LeSotho, nezinye.

"Kunabantu abathanda ushuni wakudala kamaskandi, nabesimanjemanje. Lezi zinselelo ziphoqe ukuba ngixube izitayela zokucula, ukuze kungabi bikho ovaleleka ngaphandle emculweni wami," esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

0