04  | Izindaba

Friday, 18 September 2026

Ufudukela eThekwini umcimbi
kaMawhoo

 
Uthi lokhu kufana nokubuyela ekhaya njengoba engakaze enze lutho kuleli dolobha ukubonga abalandeli bakhe...

Image

Lucky Cain

UFUDUKELA eThekwini umcimbi wentandokazi yomculi uMawhoo (esezithombeni) obizwa ngeSecret Garden with Mawhoo, obusuwenzeke eGoli iminyaka emibili.

UMawhoo wethule lo mcimbi wakhe ngoLwesithathu eMaison Florida, eThekwini, lapho bekukhona izicukuthwane okubalwa kuzo umndeni wakhe nozakwabo emculweni uNkosazana Daughter.

Image

Ekhuluma kulo mcimbi uthe umcimbi wakhe eThekwini uzoba ngomhla ka-28 kuNovember eMonies Hockey Club, eThekwini, kanti uhlu lwabaculi abazoba yingxenye yalo mcimbi usazolumemezela.

Ufanise ukuza kwalo mcimbi eThekwini njengokubuyela ekhaya, kwazise uke wahlala kuleli dolobha futhi akakaze enze lutho ukubonga abalandeli bakhe bakuleli dolobha.

Utshele izicukuthwane ukuthi usazimisele ukuwudlulisela naseShowe lo mcimbi wakhe, kwazise yilapho edabuka khona, futhi ekhulele khona.

Image

UMawhoo uchaze ngokuqanjwa kwalo mcimbi ngokuthi, "Secret Garden with Mawhoo", lapho eveze khona ukuthi wakwenza lokhu ngoba ezifela ngezimbali.

Image

Le ntokazi isematheni kulezi zinsuku landela ukuhlanganyela kwayo nenye intandokazi uLwah Ndlunkulu, abazibiza ngeZulu Queens.

Lezi zintokazi zisanda kukhipha i-albhamu kamaskandi enengoma eshisa izikhotha esihloko sithi, Distance abapike kuyona uFeza.

UMawhoo unxuse abantu ukuba bameseke ngalo mcimbi njengoba ethembisa uhlu lwabaculi abanohlonze, futhi abazobathokozela ukubabona.

UMawhoo useke wahlanganyela noMthandeni SK engomeni eyahlukanisa unyaka emisakazweni eyahlukene esihloko, sithi Gucci.

0