04 | Izindaba

Friday, 09 January 2026

Image

LAPHA kungesikhathi amaphoyisa ethatha izidumbu zabasale enkundleni, bedubulana nawo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

Kuqhume isililo kusala (5) enkundleni abebefunelwa amacala okubulala


Unina womunye wabafi ukhumbule imizuzu yokugcina nendodana yakhe


Skhosiphi Mthembu

UBALISE ngamazwi okugcina endodana yakhe edutshulwe ngamaphoyisa esigamekweni esenzeke KwaBester, e-Area 10, eNanda, izolo ngoLwesine unina womunye wabalisa abayisihlanu, abasale enkundleni idudulana namaphoyisa, abebefunelwa amacala okubulala.

Uthi indodana yakhe ugcine ukukhuluma nayo ngoLwesibili, imazisa ukuthi izombona ngoLwesine.

UNkz Khethiwe Mpanza ongunina kaLindokuhle Mnyandu - ongomunye wabasale enkundleni ngesikhathi begagazisana ngezulu lezandla namaphoyisa - uthi yize engeke ayiphikela indodana yakhe, kodwa emehlweni akhe ibingakaze yenze lutho oluphambene nomthetho.

Utshele leli phephandaba ukuthi egcina ukukhuluma nendodana yakhe, ithe iyohlangana nomngani wayo oyobaphuziza utshwala, izobuya ngoLwesine.

Uthi lawa ngamazwi okugcina ewakhulume kuyena njengoba izolo ethole umbiko wokuthi isidutshulwe ngamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthi abasolwa bebefunelwa inqwaba yamacala okubulala nawokuzama ukubulala amaphoyisa.

Uthi esigamekweni esenzeke ngoNovemba wangonyaka odlule, amaphoyisa ayezobopha abasolwa kodwa badubula bebhekise kuwona, maqede babaleka.

Image

Uthi abasolwa bebehlalise kabi umphakathi waseNanda nowasezindaweni eziseduze, kanti nasendlini abebekuyona kutholakale izibhamu ezine.

Isimo kule ndawo besimuncu njengoba kukhona abanye abebephika ukuthi abasolwa bebenza izinto eziphambene nomthetho.

Abantu abangomakhelwane bebemi izixongololo, bebukeka bemangele. Izihlobo zabashonile zehlulekile wukuzibamba ngesikhathi sekuthathwa izidumbu zabafi, kwaqhuma isililo.

Amazwi okugcina omzali nendodana yakhe

"Indodana yami ishona nje, ishiye ingane yayo eneminyaka ewu-6 ubudala, igcine ukufika ekhaya ngoLwesibili. Ifike yangibingelela, yahlala kancane, yabe isingitshela ukuthi izongibona ngoLwesine ngoba kunomngani wayo obabizile, ufuna ukubaphuzisa.

"Kube wukumgcina kwami lokho. Namuhla ekuseni ngibone sekufika abafana abathathu ekhaya, ebusweni babo bekubonakala ukuthi kukhona okubaphethe kabi. Bangitshele ukuthi uLungelo udutshuliwe, bephuza endlini. Ngiqashe imoto ngaphuthuma khona.

Umzali uthi asemabili amadodana akhe
abulawa ngokudutshulwa

"Empeleni sekungokwesibili kungehlela lokhu. Umfowabo omdala naye washona ngokudutshulwa ngo-2010, esendleleni elibangise emsebenzini. Ezinganeni ezine ebenginazo, uLungelo ubengumagcino.

"Manje njengoba engasekho, sengisele neyodwa," kubalisa uNkz Mpanza.

Elinye ilungu lomphakathi elikhulume naleli phephandaba, lithe abantu abadutshuliwe bebeziphuzela, kakukho ababazela khona.

"Le nto yenzeke ezintathakusa ngoba thina sithe uma sivuka, sabona sekugcwele amaphoyisa, kasizizwanga kwazona izibhamu lezo, sethukile nje ukuthi kwenzekeni," kusho ilungu lomphakathi.

0