04 | Izindaba

Friday, 12 February 2026

Abaculi balwela umcimbi ukuba ungawi

I-Uvukile ilaxazwe ngabaxhasi...

Image

 NguJumbo ongomunye wabaculi abasemkhankasweni wokuvikela ukuwa kwe-Uvukile Gospel Festival.

Mthobisi Sithole  noThandi Zondi

BALWA nangezikhwepha abaculi be-gospel, ukuvikela ukuwa komcimbi wabo i-Uvukile Gospel Festival, okuthiwa ilaxazwe ngabaxhasi kulo nyaka. Kuthiwa uhulumeni uhoxile ekwesekweni lo mcimbi.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa emuva kokuzwa ukuthi alusekho uxhaso kulo mcimbi, kwenze ukuba abaculi bathathe isinqumo sokuweseka ngaphandle kwemibandela.

ILANGA Lempelasonto lixoxe noJumbo okunguyena oshaya indesheni kwabanye abaculi, ecela ukuba kubanjiswane, kuvikelwe ukuphela kwalo mcimbi. Lo mculi uthe lo mcimbi sekuyithemba labo KwaZulu-Natal. Uthi kuningi abakuzuzile endimeni yomculo wokholo ngenxa yawo.

Image

"Lo mcimbi ngiqale ukugqama kuwona. Ngakho-ke ibuhlungu inhliziyo yami uma ngibona ushabalala. Ngikhulumile nabaculi okubalwa kubona uBatusile, Thinah Zungu, Ayanda Ntanzi nabanye ngathi masibambisa-neni, siwuxhase umcimbi ngoba yiwona esesisele nawo emkhakheni wethu," esho.

Uthi bazoweseka ngokuwukhangisa emphakathini, nokuyocula kuwona nakuba isimo semali singahambi kahle. Uveze ukuthi sebekhulumile noSya Sounds, ukuze naye abambe iqhaza.

"Yonke le minyaka uhulumeni ubufaka isandla, asazi-ke isizathu sokuthi kungani ulaxaza umcimbi oyithemba lethu. Siyalimala esifundazweni, siyafisa ukuthi uMnyango wezamaSiko nobuCiko ukuba uyibhekisise le nkinga," kusho uJumbo.

Image

 Ngumhleli womcimbi i-Uvukile, 'uPastor Mjosty' Mbhele, othi kumthusile ukubona indlela amaciko ameseke ngayo belaxazwa ngabaxhasi.

Umhleli walo mcimbi 'uPastor Mjosty' Mbhele, uthi kumthusile ukubona indlela amaciko ameseke ngayo ngesikhathi eveza ukuthi umcimbi i-Uvukile Gospel Festival, ngeke usaba khona ngenxa yokuswela abaxhasi.

"Ngesikhathi uhulumeni uchaza ukuthi ngeke usakwazi ukuba yingxenye yomcimbi, ngaqoqa amaciko ngawachazela ukuthi umcimbi ngeke sibe nawo ngoba anginayo imali yokuwakhokhela," esho.

Okwenzeke ngemuva kwalokho kungimangazile, ngoba amaciko e-gospel avele aqoqana wodwa, athi ngeke avume kuphele ngalo mcimbi.

"Athi azimisele ukucula ngaphandle kwenkokhelo, athembisa ukufaka isandla ngezindlela ezahlukene ukuze kungapheli nge-Uvukile,"esho

Lo mcimbi obanjwa minyaka yonke kuGu Sports & Leisure Centre, eGamalakhe, ePort Shepstone, kuzobe kuwunyaka wesi-12 wenzeka kulo nyaka.

0