03 | Izindaba

Friday, 25 July 2025

Wenza okungajwayelekile uKhuzani oholela amagidangoma ngama-payslip 

Uthi amagidangoma akhe ahola umholo omile njalo ngenyanga, hhayi ngemicimbi ayisebenzile

Image

 UMCULI kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose.

John Hlongwa
noMthobisi Sithole


WENZE okungajwayelekile umculi kamaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, ehlelela amagidangoma akhe impilo eqondile ngokuwaholela ngohlelo lokuthi athole incwadi ehlinzeka ngemininigwane yomholo wawo (payslip) nyanga zonke.

Lama gidangoma ahola njalo ngomhla ka-25 enyangeni, imali yawo ingena ebhange njengawo wonke umuntu osebenzayo.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, lo mculi uqashe ngokugcwele amagidangoma awu-8,  ngaphansi kwenkampani yakhe iNdlamlenze Group Production.

Kuvela ukuthi uma igidangoma liphuthile, langakwazi ukuyosebenza lapho besuke benandisa khona, kufuneka lifike nencwadi kadokotela noma lihlinzeke ngezizathu ezilenze langababikho emsebenzini.

Image

Yingxenye yamagidangoma  kaKhuzani Mpungose.

Ecacisa uKhuzani ngale ndlela yokusebenzisana namagidangoma akhe uthi," Inhloso yami enkulu wukuthi ngibahlelele impilo eqondile ngoba abasebenzi ndawo.

"Ngibaqashile ngokugcwele ngaphansi kwenkampani, angibaholeli ngesandla kodwa bahola ebhange njengezisebenzi zonke.
Lokhu ngikwenza ngoba ngihlose ukuthi nabo babanjelwe intela, babenesikhwama sempesheni, baphinde bakwazi ukuhlomula emalini etholwa isisebenzi uma siphelelwe umsebenzi,
i-Unemployment Insurance Fund (UIF).

"Abafowethu abangigidelayo baqashiwe enkampanini ngokugcwele, bahola njalo mhlaka-25 njengazo zonke izisebenzi. Lolu hlelo lokubaqasha ngendlela esemthethweni, ngenzela ukuthi impilo yabo ihleleke, bazibone ukuthi bayasebenza abekho ehlathini.

"Lokhu-ke kusiza bona ngoba bayakwazi nokwenza izikweletu ezitolo uma kufuneka iPayslip," kusho uKhuzani.

Image

AMAGIDANGOMA omculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, aqashwe ngokugcwele.

Uthi imali eholwayo akubalwa ngemicimbi abayigidile njengoba kwenzeka kwabanye. Uthi awakhe amagidangoma anesamba semali eqondile nyanga zonke, uma ikhushulwa, ikhuphuka ngonyaka wemali njengazo zonke izinkampani eziqashe izisebenzi.

"Asiholelani ngesandla ngoba lokho akuhlelekile. Ngesikhathi ngiqhamuka nale ndlela yokusebenza, ngifikelwe wukuthi uma ngizokwenza okwenziwe emculweni uma kuholelwa amagidangoma, lokho kuzomisa impilo yezinye izingane kanti phela sonke sinemindeni esibhekile, ngakho-ke impilo kufanele siyihlelele," esho.

Uqhube wathi uma kuyinyanga okuzalwa ngayo igidangoma lakhe, liyabhonasa njengoba kwenzeka ezisebenzini zeminyango kahulumeni, nakwezinye izinkampani.

"Nami njengomqondisi wenkampani, ngiyahola njalo ngenyanga. Angicaphuni nje imali engathi kusespaza. Imali yenkampani igadwa iSARS (South African Revenue Service). Uma kungekho uhlelo olucacile lokuthi nami ngiyahola enkampanini, ekubeni ngenza izinto ezidla imali enkulu kuqala lapho ukuthi iSARS ikuqumbe phansi," kusho uKhuzani.

Image

IGIDANGOMA likaKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, uThibelamabandla "Ntibane" Mpungose elibe ngengxoxo ekhethekile neLANGA, ngoLwesine.

Enkulumweni ekhethekile ephume  kwiLANGA ngoLwesine, elinye lamagidangoma kaKhuzani, uMnu Thibelamabandla "Ntibane" Mpungose, likuvezile ukuthi indlela yokuhola kuleli qembu ihleleke kahle njengoba lize laveza ukuthi lona linezinto elizikhokhela ngohlelo lwebhange (debit orders) ngoba linencwadi yomholo (payslip).

0