03 | Izindaba
Friday, 22 August 2025
NGUDUMI Mkokstad, ongumculi we-gospel, ozoba nekhonsathi, i-The Kingdom Mandate Revival Tour.
Baningi abanezinkinga ezibenza bangene otshwaleni
Thandi Zondi
INKAKHA emculweni we-gospel, uDumi Mkokstad, ithi nge-The Kingdom Mandate Revival Tour, izovuselela ubudlelwano phakathi kukaNkulunkulu nomuntu.
"Ngale mijikelezo yemvuselelo, ngikuqaphelile ukuthi intsha kayisakholelwa kuNkulunkulu. Kufika isikhathi lapho uma ibhekene nezinselelo, ibuze ubukhona bakhe. Abanye babekholwa, kodwa ngenxa yezinkinga ababhekana nazo emabandleni, bagcina sebeyeke nokukhonza, bangena kwizidakamizwa nasetshwaleni.
"UNkulunkulu ukubekile kimina ukuthi lena kube yimvuselelo yokukhumbuza abantu ngobudlelwano babo noNkulunkulu, bangabuncikisi esontweni nasebantwini," esho.
Uhlanganisa i-album ayicule bukhoma,
yaqoshwa ezindaweni ezehlukene
Uthi iKingdom Mandate Revival Tour ezoba mhla ka- 29 November, iletha okwehlukile emkhakheni wezomculo, njengoba ehlanganisa i-album ayicule bukhoma, futhi yaqoshwa ezindaweni ezahlukene ezophuma ngonyaka ozayo.
Uqale eCape Town, waya eGoli manje uya eThekwini. Uthi ubenesifiso sokuqopha nase-East London, kepha kwangenzeka ngenxa yokungayitholi indawo evuleke ngokwanele.
"Amathikithi aseThekwini ahamba ngale ndlela exakile, akukholakali. Abantu ngingabathembisa ukuthi bazobhema bakholwe. Sikhiphe unyawo ekwakhiweni kwesiteji, ukubukeka kwaso nasemculweni omnandi.
"Nakuba ngingeke ngisho ukuthi ngobani abaculi abazobe beyizimenywa okwamanje, kodwa ngingambalula u-OnceMore Six, uhlu lwabanye luyeza," kusho uDumi.
NGUMPUMI Mtsweni ongumculi we-gospel.
Kule mijikelezo yakwamanye amadolobha, bekukho-na uMpumi Mtsweni, uKholeka, uNontokozo Mkhize, u-Omega, OnceMore Six, uSbu Noah, uSindi Ntombela, uNomini Nyawose, uLusanda Beja nabanye.
"Ngizobe ngicula ingoma nalowo mculi engizobe ngimumemile. Abazobe beyingxenye yale mvuselelo, bazothola nethuba lokuzibona kuma-video uma esekhishiwe ngonyaka ozayo," esho.
Echaza ngokwehluka komculo wakhe uma uqhathaniswa noweminyaka eyedlule uthe: "Ngingasho ngithi ukukhula kwezinga lobudlelwano bami noNkulunkulu, kunzima ukuchaza izinto zikaMoya.
"Izingoma ezifana noMbize nethi, Ulwandle, ngizibala njengezingoma engingazibhalanga ngingedwa, kepha uMoya oyiNgcwele wangisiza ukuzibhala.
"Bekuba nesikhathi lapho bengihlala khona ngedwa, uJehova azibonakalise. Yingakho ngingathi nje ukukhula (kwezikaMoya) kungisizile," echaza.
Uthi inkakha yomculo we-gospel, uBenjamin Dube, ingomunye wabantu abukela kubona. Ngaso sonke isikhathi ubeqinisekisa ukuthi uyafunda kuyena.
"Njengoba esethathe ikhefu nakwiSpirit of Praise, ngicele ithuba lokuthi nami ngibe khona njengo-munye wabaholi, ngoba kuningi esengikufundile kuye, futhi ngakhula nangokomculo," ephetha. tzondi@ilanganews.co.za