Izindaba | 03

Friday, 18 April 2025

Image

NGUNHLANHLA Kunene olingisa indawo kaTsikitsiki kwi-Adulting.

Obedlala ekaTsikitsiki uvuma i-Aldulting ngokushintsha kwempilo yakhe

Lo mdlalo ubufundisa abesifazane indlela amajitha acabanga ngayo

UTsikitsiki uyabulawa, okucacisa ukuthi uyaphela 
lo mdlalo

Lucky Cain

UVUMA umdlalo i-Adulting, ngokushintsha impilo yakhe, uNhlanhla Kunene odlala indawo kaTsikitsi kulo mdlalo okulindeleke ukuthi udlale isiqephu sokugcina kusasa ngoMgqibelo.

Izindaba zokuphela kwalo mdlalo osudlale amasizini amathathu, zishaqise ababukeli balo mdlalo obuyintandokazi, obukhonjiswa kwiShowmax. Okunye okubashiye beshaqekile futhi bephatheke kabi ngawo, wukubulawa kukaTsikitsiki kulo mdlalo okuvele kwacacela wonke umuntu owuthandayo ukuthi sekuyaphela ngawo.

Lo mdlalo ugabe ngabalingisi abathandwayo okubalwa kubo uThembinkosi Mthembu, uThabiso Rammusi, uLuthando Bu Mthembu, uNandi Nyembe, uWinnie Ntshaba, uLondeka Sishi nabanye.

UNhlanhla uxoxe neLANGA
Lempelasonto ngokuba yingxenye yalo mdlalo amasizini amathathu, lapho eveze ukuthi ubengeyilutho ngaphambi kokuba ajoyine lo mdlalo.

"Nakuba bengingumuntu ngiphila, kodwa ukuba kwi-Adulting, kuyishintshe kakhulu impilo yami, kusukela ngendlela abantu abangamukela ngayo uma behlangana nami, kuya kumabhizinisi engingena kuwo, nokuningi okuthinta impilo yami," esho.

Image

NGUNHLANHLA Kunene osebe kwi-Adulting amasizini amathathu alo mdlalo. 

UNhlanhla odabuka eMtateni, eMnambithi, uthi okwenze lo mdlalo waba yimpumelelo, yizinga labalingisi abesebenza nabo abebemphusha ukuba alenyuse ngokweqile izinga.

"Ukusebenza nabantu abafana noThembinkosi (Mthembu), ozimisela lokhu okuyisimanga ngomsebenzi wakhe, kungenze ngasebenza ngokweqile ukuze ngibe sezingeni lakhe ngoba akudlalwa uma ulingisa naye," kusho uNhlanhla.

Uthi nakuba ezalelwe endaweni yasemakhaya, kodwa uhlalile naselokishini e-Ivory Park, eGoli okuyinto emsizile wakwazi ukudlala indawo kaTsikitsiki ngendlela ayidlale ngayo.

"Ukwazi impilo yasemakhaya neyaselokishini kuyisikole kukodwa ngoba kuningi okufundayo ngempilo ngalezi zindawo," esho.

Uthe okunye okuchaze abantu ngalo mdlalo, wukuthi ubufundisa nabesimame ngendlela amajitha aphila ngayo, nangendlela acabanga ngayo. UNhlanhla uveze ukuthi okwamanje kawukho umdlalo amatasa nawo, kodwa unethemba lokuthi maduze kukhona umsebenzi ozoqhamuka njengoba eseqedile nge-Adulting.

Image

NGUNHLANHLA Kunene othi ukusebenza noThembinkosi Mthembu, kumenze wakhuphula izinga. 

0