03 | Izindaba

Friday, 12 June 2026

Image

NGUDELI Malinga ongumlingisi.

Uvo lwamaciko ngabakuleli ngokungemthetho


Azwakala ekhihla isililo esifanayo

Thandi Zondi

SELOKHU kuqale umkhankaso wokuxoshwa kwabantu bakwamanye amazwe, abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho, umphakathi ulokhu ukhale njalo ngokuthula kosaziwayo.

Iningi ezinkundleni zokuxhumana lithi amaciko ayathanda ukwesekwa uma ebhekene nezinkinga zomkhakha wawo, kodwa manje awuhlabe inhlali njengoba izakhamizi zakuleli zizwakalisa ilaka lazo ngabokufika.

 Kuzokhumbuleka ukuthi u-AKA (ongasekho) - ogama lakhe langempela nguKiernan Forbes - ungelinye lamaciko ayenconywa kakhulu ngokuthanda izwe, lokhu wayekwenza nangokuthi aze agaxe ifulegi laseNingizimu Afrika emzimbeni.

Wayengasabi ukuphumela obala, asho okusenhliziyweni yakhe, uma kunezingxoxo ezishisayo mayelana neNingizimu Afrika.

Njengoba kuxokozela izwe lonke, noMengameli uCyril Ramaphosa eseze waphawula ngolwabokufika, kulokhu kukhalwe njalo ngamaciko.

Lokhu kubonakala ngisho uma amaciko ephosta ngokuthile, okuthinta wona, abalandeli bavele bawatshele kwezikabhoqo ukuthi 'sisabhekene nezinto ezinkulu ezweni, ake nisimele kancane'.

 Nokho akhona amanye asephumele obala, azwakalisa ilaka lawo.

Image

NGU-OSCAR Mbo ongu-DJ.

Phambilini u-Oscar Mbo ongu-DJ, uke wabhala ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhumana, wathi iNingizimu Afrika ingeyabantu bakhona.

"Uma abantu bokufika befuna ukuba kuleli, kumele lokho bakwenze besebenzisa izinhlaka ezifanele. Njengomuntu ohamba njalo, kuba wumsebenzi ukufaka isicelo se-visa.

"Amanye amazwe anemithetho. Iningi kalazi ukuthi kuthatha amahora awu-7-8 ukungena eLagos, eNigeria, noma ngaphezulu ngenxa yemithetho yakhona.

"Uma izinto zingenziwanga ngendlela, bakubuyisela ngaleso sikhathi ezweni lakho. Kasikho isizathu sokuthi iNingizimu Afrika ibe yikhaya lomhlaba wonke. Cha kangivumi," esho.

Umlingisi - wodumo lukaMaMzobe emdlalweni owawudlala kuMzansi Magic, othi UMkhokha - uDeli Malinga; kusuka ngonyaka owedlule, ubeze agqoke izikibha zenhlangano esekhaleni lalo mkhankaso wokuxosha abakuleli ngokungemthetho, iMarch and March.

Ephawula yena, wathi: "Njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika, kangisoze ngagoqa izandla, ngenze sengathi okwenziwa ngabokufika, abakuleli ngokungemthetho akungithinti.

"Ngenza okwenziwa ngomama bethu ngo-August 1956, ngesikhathi sebekhathele, bamasha baya ePitoli, bethi sekwanele.

"Sikhathele yizidakamizwa, ubugebengu, ukuthathwa kwamabhilidi ngokungemthetho, nokushushumbiswa kwabantu.

"Bayekeni babuyele lapho bevela khona, uma lokho kusho ukuthi ngiyacwasa, kungamane kube njalo bathandwa."

Image

NGUMCULI we-gospel, u-Ayanda Ntanzi.

Umculi we-gospel, u-Ayanda Ntanzi, ungomunye wabaphumele obala, wathi akanankinga nabokufika, ngoba naye uma eyocula kwamanye amazwe, usuke engowokufika.

"Kodwa-ke kangikaze ngibe kulawo mazwe ngokungemthetho. Kubalulekile ukuthi uma sikhuluma ngalolu daba, sivuleleke ngokomqondo.

"Ezindaweni zasemakhaya lapho izakhamizi zingaphansi kobuholi bendabuko - njengezinduna namakhosi - bonke abantu abanezincwadi, bayaziwa emphakathini.

"Indawo abahlala kuyo neminye imininingwane yabo ebalulekile, iyaqoshwa, okwenza kube lula ukuthi kube nomthetho. Isimo siba nzima kakhulu uma sithinta abantu abangenawo amaphepha.

"Isibonelo nje, uma umuntu ongenamaphepha eshona, kuba nzima ukwazi ukuthi ungowakuphi. Ubani ozomngcwaba? Ubani oqinisekisayo ukuthi ungcwatshwa ngesizotha? Ngubani othwala izindleko zomngcwabo?

"Ngumkhokhi wentela. Yizo zonke izinto eziyingqinamba eziqhamukayo, hhayi ngoba kunenzondo, kepha kumele kube nendlela okwenziwa ngayo izinto nokuhlonipheka kwesithunzi somuntu osuke ethinteka,” esho.

Image

NGUMCULI kamaskandi, uPhuzekhemisi.

Umculi kamaskandi, uPhuzekhemisi, yena uthi uyayeseka iMarch and March, futhi mayingaphazanyiswa muntu ngoba izohlanza iNingizimu Afrika, kanjalo nezinsizwa ezihamba nayo.

UPhuzekhemisi uke wacacisa ukuthi ukuba khona kwabokufika kuleli kuyingozi, ngoba benza ubugebengu bengenamaphepha.

"Uma benza okungekho emthethweni ezweni, kunzima ukubabheka, yikho lokho okungikhathaza kakhulu," esho.

Lo mculi uthi uma eyocula kwamanye amazwe, ulandela imithetho yakhona.

0