03  | Izindaba

Friday, 01 August 2025

Usola amanqina enyathi...

Unesilonda okamaskandi osinde ebulawa


UBobo uthi washaywa eyolanda ibhulukwe lokugida eSwaneville...
Image

NguBobo "Umfana wePiki" Mhlongo othi wabhixwa ngobende, inyama engayidlanga.

 Mthobisi Sithole

UZWA iminjunju umculi kamaskandi uBobo "Umfana wePiki" Mhlongo, ngokubalekela umthetho kwabamangali njengoba ethi bamuninde ngecala lokuzama ukuthumba ingane encane, nokuzama ukubulala ngesikhathi ekhandwa ngamatshe wumphakathi, wacishe wafa.

Lo mculi osinde ekufeni ehlaselwa emikhukhwini eSwaneville, eGoli nyakenye ngo-Okthoba, uthi unesilonda esingapholi ngesigameko esimehlele, eshayiswa okwesela ekubeni engenalo icala.

Ukukhathazeka kwakhe ukukhombise nasengomeni entsha ayikhiphile ethi, "UNkulunkulu unamandla", kwi-albhamu esihloko esithi, "Angincethezi", eshisa izikhotha ngengoma ethi, "Umzila".

Engxoxweni yakhe neLANGA Lempelasonto uthe, uNkulunkulu unamandla ngoba kukhona ababehleka ngesikhathi elimele, abanye babekhala. Uthi kodwa ekugcineni selivelile iqiniso lokuthi wayenindwa ngobende inyama engayidlanga.

Uveze ukuthi icala selingene kwaze kwaba kahlanu enkantolo, abakaze bafike abamangali, nasendaweni ababehlala kuyona abasatholakali.

Image

 "Yini eyenza bagcwale izinkalo? Yingoba bayazi ukuthi babekhuluma iphutha. Ngesikhathi ngihlaselwa, ngangiyolanda ibhulukwe lami lokugida ingoma komunye umfowethu okwathiwa usemkhukhwini eSwaneville.

"Kuthe uma ngifika khona, ngabona omunye wesifazane ngabuza ukuthi izindawo zokwakha zitholakala kanjani kule ndawo abakhe kuyona, ngoba kubukeka kuseyindawo entsha.

"Wangiyalela komunye umkhukhu, ethi angiyobuza kuwona. Uma ngifika, ngithole owesifazane kuwona, bese ethi akalwazi ulimi lwesiZulu, wabe esebiza owesilisa owayehleli nabangani bakhe buqamama.

"Uma efika lona wesilisa, athi wendoda kuthiwa uyangibiza ufunani kimina?, ngathi mina yebo kukhona ebengifuna ukukubuza, wathi yena angime lana nginganyakazi, uyabuya manje. Kuthe ngisamangazwe yilokho, wabuya endlini eseshaya impempe, ngabe sengithelekelwa wumphakathi, wafika ngobuningi wangishaya ngacishe ngafa," kusho uBobo.

Uthi uma ezwa manje, kuthiwa lona wesilisa wenza imisebenzi yobubi kule ndawo, ufakela abantu ugesi ngokungemthetho, udayisa nemikhukhu okungenzeka wayesola ukuthi naye akasaphephile, uyahlaselwa.

"Ukushaywa kwami, kwakuyishwa. Ziningi izinto esezingehlelile ezimbi," esho.

Uthi wayengaxabene namuntu, futhi abantu ababemshaya akusiwona amaZulu. Uveze ukuthi izinsolo zokuzama ukuthumba kwakhe ingane, kwakungamanqina enyathi.

Image

NguBobo "Umfana wePiki" Mhlongo owahlaselwa umphakathi, wamkhanda ngamatshe.

 "Amaphoyisa athi ngesikhathi efika esigamekweni, ebuza ukuthi ngishayelwani, akuzange kucace, kwaze kwaba ngowesifazane owavela emuva kwesikhathi eside, wathi bengizama ukuntshontsha ingane yakhe. Uma amaphoyisa eselandelela, sebeyabaleka abasatholakali," esho.

Uthi icala alikapheli, lihlehliselwe umhla ka-17
ku-Okthoba.

Ecaleni lokuzama ukubulala, uthi wayesebenzisa isibhamu somthetho, wasiqhumisa phezulu isibhamu ezama ukuhlakaza isixuku sabantu.

Uthe amaphoyisa asithola isibhamu, baboshwa esatholakala kubona, njengoba sathathwa ngesikhathi eshaywa.
mthobisis@ilanganews.co.za

0