03 | Izindaba

Friday, 19 December  2025

Image

NGUMNU Lwazi Mthabela ongumphathi omusha woKhozi FM.

UKhozi nezinguquko kuSiyayijika Lento

Zinika ithuba abasakazi ukusondela nakwezinye izinhlelo

Thandoluhle Ngubo

UQHAMUKE nendlela eyehlukile yokusingatha uhlelo lwezinguquko, iSiyayijika Lento, umphathi omusha womsakazo uKhozi FM, uMnu Lwazi Mthabela.

Lokhu kugqame ezinsukwini ezintathu ezedlule, ngesikhathi kuqala lezi zinguquko ezijwayele ukuba yisikhathi esingamasonto amabili okugcina onyakeni.

Phambilini, kulezi zinguquko, abasakazi bebeshintshwa ezinhlelweni zabo, babekwe kwezinye kuze kube kuphela isikhathi esibekelwe lezi zinguquko. Lokhu bekunika abasakazi ithuba lokusondelana nezinye zezinhlelo abalaleli abangakaze bacabange ukuthi bangazisakaza.

Kuleli sonto lezi zinguquko zithathe elinye igiya, njengoba lungekho uhla lwabasakazi ezinhlelweni eziguquliwe abazosakaza kuzo, kodwa basakaza izinhlelo ezehlukene usuku nosuku.

NgoMsombuluko uhlelo lwasekuseni iVuka Afrika Breakfast Show, lwalusakazwa ngabasakazi uKhathide "Tshatsha" Ngobe noPhindile "Phindi P" Phewa.

Ngosuku olulandelayo, lolu hlelo lwase lushayelwa ngabanye abasakazi.

Umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kulo msakazo, uthi indlela okusingethwe ngayo lezi zinguquko, kube wumbono womphathi omusha.


"Okwenzeka emsakazweni kube yicebo lomphathi omusha. Okwamanje konke kusahamba ngendlela ngoba kasikho isikhalo esesike saqhamuka kozakwethu, ngendlela okusetshenzwa ngayo," kusho umthombo.

Okhulumela iSABC, uNkk Mmoni Ngubane, uthunyelelwe imibuzo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulanga.


0