03 | Izindaba
Friday, 15 May 2026
USIYABONGA Khumalo exhawula kuSolwazi Msizi Mkhize (pro Vice Chancellor) obhekelele izitshudeni.
ISITHOMBE NGU: NKOSI GCABASHE
Ubegqogqoshwa ngunina enyuvesi ophila nokukhubazeka, ophase ngamalengiso
Uthi wayezitshelile empilweni ukuthi noma angaba nokukhubazeka, kodwa uzowafeza amaphupho akhe
Mthobisi Sithole
UBEGQOGQOSHWA ngunina oshiye ikhaya wayohlala nendodana yakhe enyuvesi ngenxa yokuthi isifo sayo sokukhubazeka besiyikhathaza umzimba, kungahambeki kalula.
Lokhu kuvezwe nguSiyabonga Khumalo (21), waseSandlwana, eNquthu, egqoka ijazi leziqu
ze-Bsc Antropology and Pyschology, e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).
Uthi ngesikhathi efika enyuvesi ngo-2023, kuthe uma efaka isicelo sokuthengelwa inqola ehamba ngogesi kwa-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), kwaba wukuthi kayisheshi ukufika, kanti ukufunda nokufundisa bekuqhubeka.
Uthi inyuvesi ivumile ukuba unina omzalayo, uNkz Feziwe Khumalo, azohlala naye endaweni yenyuvesi yezitshudeni (Res) ukuze amnakekele.
Unyaka wonke unina ubemgqogqosha, emhambisa esikoleni
"Unyaka wonke umama ubengigqogqosha, engihambisa esikoleni, angilinde ngize ngiqede ukufunda osukwini, aphinde angithathe angihambise.
"Lokhu ukwenze kusukela uqala unyaka kwaze kwaba inqola yokuhamba ifika ngo-October, okuyilapho-ke bese ngikwazi ukuzihambela," kusho uSiyabonga.
Uthi ngokwesifo sakhe sokukhubazeka, uyashesha ukukhathala uma ehamba, futhi kuba nzima ukusuka kwelinye ikilasi uye kwelinye, okuyilapho unina ebenza khona umsebenzi wokumlekelela, amthwale.
USIYABONGA Khumalo ejabula nonina uNkk Feziwe Khumalo.
ISITHOMBE NGU: NKOSI GCABASHE
"Ngiyabonga kakhulu ngothando olukhonjiswe ngumzali, kwaba lula ukuba ngifunde," esho.
USiyabonga uqophe umlando enyuvesi ngokuphasa ngamalengiso. Izifundo zakhe sezizonke kule minyaka emithathu abezenza, ziwu-22 , waphasa ngoDistinctions eziwu-21.
Iphesenti lokuphasa kwakhe sezihlanganisiwe, lingaphezulu kuka-80%, okwenze ukuba aphase ngohlelo olubizwa ngeSumma Cum Laude.
Uhlomule ngezitifiketi eziwu-14 ngokwenza kahle kulezi zifundo (Merit Awards), waphinde wahlonishwa ngezitifiketi eziwu-6, eziphuma kwiDean.
USiyabonga utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kusukela ebuncaneni bakhe, wayezimisele esikoleni, futhi efungile ukuthi nakuba ekhubazekile, kodwa uzolifeza iphupho lakhe.
"Ufakazi yimina uqobo ukuthi ukukhubazeka akusho ukuphela kwempilo, kodwa kukhulu ongakwenza," esho.
USIYABONGA Khumalo ngesikhathi ethweswa iziqu ze-Bsc ngoSumma Cum Laude.
ISITHOMBE NGU: SETHU DLAMINI
Umatikuletsheni wakhe uwuphothule ngo-2022,
eSarel Cilliers High School. Uthi ngesikhathi esenyuvesi, uzitshelile ukuthi uDistinction wangempela u-80% kuya phezulu hhayi u-75% ngokwenyuvesi.
Uthi ubephushela ukuthi aphase ngaphezulu kwalokhu okubekelwe izitshudeni.
Kulo nyaka uqhubeka neziqu zeBsc Honours Degree, kuwona umkhakha we-Antropology.
mthobisis@ilanganews.co.za