03 | Izindaba
Friday, 29 August 2025
NGUMCULI kamaskandi uMayoghurt, okunguye-na ozonikwa isigaba esikhethekile, iGolden Hour.
UMAYOGHURT uthi abalandeli bakhe bazobhema bakholwe ngosuku lomcimbi
Mthobisi Sithole
IZOQHOQHOBALWA ngumculi kamaskandi uMayoghurt iGoldern Hour yomaskandi, kwiMpucuzeko ngoMgqibelo ebusuku, ePeople's Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngokuthola kweLanga Lempelasonto, kuqokwe uMayoghurt okunguyena ozohlukanisa ubusuku ngo-00:00 kule ndumezulu yomcimbi womaskandi.
Omunye wabahleli balo mcimbi, uKhathide "Tshatha" Ngobe, uthe bavumelene ngokuthi lo mculi anikezwe lesi sikhathi ngokukhethekile. Uthi unyaka nonyaka kuqokwa umculi omusha kuleli hora ngoba libalulekile kule ndima.
"IBliss iyona impela esizohlukanisa ngayo usuku ngoMgqibelo. Abantu bazojabula ngoba bayalithanda kakhulu leli qhawe," kusho uTshatha.
Baningi abaculi abayiconsela amathe iGolden Hour
Ngakolunye uhlangothi, uXolani Mcineka owaziwa kakhulu ngalo mcimbi, uthe abaculi abaningi basiconsela amathe lesi sikhathi ngenxa yokuthi sisho lukhulu emabhinceni, njengoba nonyaka uhlukaniswa ngaso.
"Siyakholelwa ekutheni iBliss (Mayoghurt), inikezwe indawo eyifanele," kusho uMcineka.
Ephawula ngalokhu uMayoghurt, uthe kuningi akuphathele abathandi bomculo wakhe kwiMpucuzeko.
Utshele leli phephandaba ukuthi uzojabulisa abantu ngamanoni ahlukahlukene.
"Kangithandi ukuyikhulumela eziko okwamanje, kodwa izinhlelo engizihlelele lo mcimbi zinkulu kakhulu. Ngihlelile ukuthi uma sekungena mina, kunyakaze inkundla ngenxa yemigilingwane engiza nayo," kusho uMayoghurt.
Abaculi abazoshiyelana inkundla kubalwa uGatsheni, uStabhilithi, uMzukulu, uKhuzani, uNjoko, uMenzi, uMjolisi, iMfezemnyama, uJumbo, uLimit, Amageza Amahle, Inkosi Yamagcokama, Ithwasa Lekhansela, uBahubhe, uSminofu, uMashelela, uMroza, uMfiliseni Magubane, uNtencane, uFalabo, uMdumazi, iMithente, Izingane Zoma, uBuselaphi, iNyonemhlophe, uNdoni, uSaliwa, uMafikizolo, Ama-NND, u-Ali Mgube, Amavikelambuso, uDumakahle, uQhosha, uCevuzile, uMkhulekelwa, uSkweletu, uGcabashe, uMlabalaba nabanye.
Lo mcimbi wesekwe yiphephandaba ILANGA, uMasipala weTheku nohulumeni waKwaZulu-Natal.
Amathikithi okubukela umcimbi atholakala eComputickets ngo-R150, nasesangweni azobe edayiswa uma esatholakala.