03| Ezikaqedisizungu
Friday, 09 October 2026
Mthokozisi Dlomo
UZISHAYA isifuba ngokuvuselela “umdlalo” womtalabho kumaskandi uMuzikayise "Govozile" Khumalo (osezithombeni), waseNtumbane, oPhongolo, obuye ngamandla kulo mculo.
UGovozile ekhuluma neLANGA Lempelasonto emcimbini kazakwabo kulo mculo, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu, iGatsheni Music Festival, obusoPhongolo ngempelasonto edlule, uthe iyamthobisa indlela abantu abamemukela ngayo.
"Umtalabho yinto engikhule ngiyithanda. Ngenye yezinto eziyisinongo, ezenza lo mculo wehluke kwezinye izinhlobo. Kuthe uma ngibona ukuthi kawusekho, ngabona ukuthi yimi onesibindi sokuwuvuselela.
"Indlela abantu abangemukela ngayo, ikhombisa khona ukuthi sihlale sikhona isikhala somtalabho emculweni wethu wesintu," kusho lo mculi odume ngeleTourist LasoPhongolo, nomtalabho wasesiNgisini.
Uthi umtalabho uyefana nokungcweka ngenduku (umgangela).
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi into ewenze wabonakala njengento embi, wukuthi abanye besebefaka nenhlamba, bedicilela phansi izithunzi zabanye.
"Ngiyakholelwa emtalabhweni, kodwa okahle, hhayi ovusa uhlemvane. Umuntu otalajwayo makawemukele umtalabho uma ufika kuyena," esho.
Lokhu kufakazelwa yizincomo zabantu ezinkundleni zokuxhuma, nendlela abaculi abayemukela ngayo ingoma yakhe eshisa izikhotha, ethi, "Icala Lobunsizwa".
Selokhu kuphume le ngoma - okwethiwe ngayo i-albhamu - emasontweni amane edlule, abaculi abatalajwayo baqopha ama-video bawafake ezinkundleni zokuxhumana, bephendula ngendlela ehambisana namancoko.
Abanye babaculi abagqamile abatalajwa esiNgisini nguMaganga Thishela, Ofishi Abakhulu, uMroza, uBobo Umfana Wepiki noFihliskhwele.
Nyankenye kusabalale ezinkundleni zokuxhumana i-video kaMbeje egijimisa ngesikhwili uSwidi Gcabashe, ngemuva kokuphuma kwengoma kaGovozile ethi, "Khwela Kuye".
Njengoba emgangeleni insizwa ingena esitikini, ivive, kuye insizwa ezethembayo, naye uvule izandla kunoma ngubani ozethemba ukumtalabha, ngisho labo angakaze ababale.
UGovozile akalona ivukana emculweni njengoba wazakhela igama eminyakeni edlule ngezingoma okubalwa kuzona ethi, "Waxosha Indoda", "Ishwa Lami" nethi "Hlabela Amadlozi".
Ngaphandle kokucula, ungunjiniyela osebenza ngemishini ephehla ugesi kwa-Eskom.