03| Izindaba

Friday, 16 October  2026

Okamaskandi utakulwe ngowaMathole echayiswa wumasipala

 Kulo nyaka uthi ucele ukusizwa ngenkundla kuphela

Image

 Mthobisi Sithole

UTAKULWE ngusomabhizinisi wabangcwabi umculi kamaskandi uSenzo "Ntencane" Zondi (osesithombeni esingenhla), ngokubuya komcimbi wakhe kulo nyaka, emuva kokuchayiswa wumasipala wangakubo eMvoti nyakenye.

UNtencane uthe ulala ubuthongo kulo nyaka ngenxa yokuthi uMnu Vezokuhle "Vtouch" Nala, we-Amathole Funerals, uthe uzomlekelela ngengqalasizinda yomcimbi awenzayo, obizwa ngeNtencane Music Festival.

Utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi nyakenye ucishe wafa, ebulawa yingcindezi yokhwantalala ngenxa yokujikelwa wumasipala owawuthembise ukumlekelela, kodwa ekugcineni wabika izaba.

"Nyakenye ngicishe ngafa. Bengiqala ngqa ukuba nengcindezi ngize ngiqhaqhazele izinzwane ngenxa yokudinwa.

"Ngakho-ke kulo nyaka, angifuni nokufaka isicelo soxhaso kumasipala wangakithi, ngoba angikuthandi ukuphoxeka ngemizuzu yokugcina," kusho uNtencane.

Image

NGUMNU Vezokuhle Nala, we-Amathole Funerals, ozoxhasa umcimbi kaNtencane, ocula umaskandi.

UNtencane uthe kulo nyaka kwamasipala ucele ukulekelelwa ngenkundla okuzobanjelwa kuyona umcimbi kuphela.

Umcimbi ungomhla ka-7 kuNovember, eMerthley Lake Sports Ground, eGreytown. Uthi akafuni nokuzama ukucela olunye usizo kwamasipala.

"Kangifuni ukuwuzonda umasipala ngoba babeshilo ukuthi kabasayixhasi imicimbi. Kulo nyaka kanginangcindezi ngoba ngiyazi ukuthi ukhona uNala, uzongenzela umcimbi wami ubemuhle," esho.

Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe abaculi okubalwa kubona uMthandeni SK, uKhuzani, uJaivazimnike, uFeza, uMafikizolo, uGatsheni, uMzukulu, uMzukulu kaShafuza, uFalabo, uLimit, uBahubhe, Qwabe Twins, uMenzi, nabanye abaningi.

Amathikithi omcimbi abiza u-R150 e-Tickets Pro, eShoprtite, e-U-Save, eCheckers nase-V tickets.
mthobisis@ilanganews.co.za

0