03 | Izindaba

Friday, 18 September 2026

Kungenelela izinhlangano zamalungelo abantu kwelokubulawa kwabesifazane

Image

John Hlongwa noNhlanhla Hudla

ISINGENELWE ngabaholi bezinhlangano zomphakathi abaqavile indaba yokubulawa kwabesifazane kuMasipala wase-Ekurhuleni, eGauteng, njengoba isibalo sesifinyelele ku-9, kusukela ngoJuly.

Ukubulawa kwalaba besifazane kuqubule ukuthuthumela ezakhamizini zakuleli, njengoba zilokhu ziqina izinsolo zokuthi ukubulawa kwabo kuwumsebenzi kamalugaju.

Izinhlangano ezilwela amalungelo abantu,  sezizwakalise ukukhathazeka, zathi zizokwenza imizamo yokulekelela ekulwisaneni nalokhu.

Inhlangano iMarch and March, elwa kakhulu nabakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho, eholwa nguNkk Jacinta Ngobese-Zuma, ngoLwesine beyihlele umbhikisho phambi kwesiteshi samaphoyisa iDurban Central, eThekwini, lapho yedlulisa izikhalo ngalo mshophi.

Image

NGABANYE babesifazane abangene emgwaqweni, bezwakalisa ukungenami ngokubulawa kwabesifazane.

Ngakolunye uhlangothi inhlangano Insizwa nobuNsizwa Foundation, eholwa nguMnu Nkosikhona "Phakelumthakathi" Ndabandaba,(osesithombeni esingezansi), ithi ihlela ukuhlangana nabaphathi bamaphoyisa beziteshi ezikumasipala wase-Ekurhuleni, ukudingida ngokuphepha kwabantu.

Ekhuluma ne
LANGA Lempelasonto ngoLwesine, uPhakelumthakathi uthe usendleleni ebheke eGoli, ukuyohlanganisa izinsizwa zangakhona.

"Sizonyuka nezinsizwa siyohlangana nabaphathi bamaphoyisa, sidingide ngokuphepha kwabantu kwaThema, eKatlehong naseKempton Park.

Image

"Isifiso sethu wukuthi siyoqhinqa kuleya ndawo ubusuku nemini, kuze kuphele ukubulawa kwabantu. Sisola ukuthi kunabantu nje abahlose ukufaka uvalo ebantwini ukuze bagudluke kule mpi esibhekene nayo.

"Esizokwenza njengamanje kuzoncika ezingxoxweni esizoba nazo namaphoyisa, kodwa thina sifisa ukuyohlala kuleya ndawo ubusuku nemini," esho.

Image

Lokhu kubulawa kwabesifazane sekususe elikhulu itwetwe njengoba selokhu kutholakala abesifazane asebebulewe. Iningi lalabo ababulewe kusolakala ukuthi liyadlwengulwa ngaphambi kokuba babulawe.

Phakathi kwasebehlonziwe kulokhu kubulawa singabala uNkz Elizabeth Moselakgomo (
osesithombeni esingezansi), ophume endlini eyojima, washiya ingane yakhe eneminyaka ewu-8, okuyiyo egcine iqaphela ukuthi unina akabuyi ejimini.

Image

 Lesi simo sesisukumise noNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uMnu Feroz Cachalia, njengoba eqoke ithimba lamaphoyisa elizobhekana ngqo nokuphenya ngokubulawa kwabesifazane kule ndawo.

0