03 | Izindaba

Friday, 27 February 2026

Iminjunju kuThemba, eshiya umbhobho engavalelisanga

"U-TK" uthi abantu basambuza ukuthi wahambelani emsakazweni...

"Sithe sifika noMjay, sakhaciswa okwezinja..."

Image

Menzi Jele

UGALAGALA lwentatheli yakwaSABC, eyayingumfundi wezindaba emsakazweni uKhozi FM, uThembalamantungwa "TK" Khumalo, osewathatha umhlalaphansi, luthi inhliziyo yalo isaqaqamba ngokuhamba lungavalelisanga kubalaleli.

"UTK" uthathe umhlalaphansi ngo-2019, kwaSABC, ngemuva kokusebenza khona iminyaka ewu-29. Waqopha umlando ngokuba ngowesifazane wokuqala omnyama ukuqashwa ophikweni lwezindaba, kwaSABC, eThekwini, ngo-1990.

Engxoxweni ebenayo neLANGA Lempelasonto, uthi namanje abantu uma behlangana naye, bayambuza ukuthi wahambelani engavalelisanga, ngoba babemthanda futhi nesikhala sakhe sisekhona ezinhliziyweni zabo.

U-TK ukhala ngomphathi owayebambe ophikweni olubhekela abafunda izindaba, athi wakhombisa enkulu inzondo kuye.

"Ngalowo nyaka engathatha ngawo umhlalaphansi, ngo-2019, kwakuzoba nokhetho lukazwelonke. NgoMashi walowo nyaka, kwakufanele ngigcine emsebenzini. Sacelwa mina noJabulani "Mjay" Sibisi, naye owayesethathe umhlalaphansi, ukuthi sibambe izinyanga ezintathu, njengoba kwakuzoba matasa.

Image

"Ngangilindele ukuthi ngizovalelisa kubalaleli uma seziphelile lezo nyanga ezintathu, esasingezelwe zona. Sithe sifika noMjay, sakhaciswa okwezinja. Sasikhacwa yingane encane eyayibambile, njengemenenja.

"Ngakusasa ngafunda kwelinye lamaphephandaba esiZulu, kubhalwe ngamagama amakhulu kuthiwa, 'ebengafuni ukuhlukana nombhobho uThemba Khumalo.' Leyo nto yangiphatha kabi ngoba ngacelwa ukuthi ngiqhubeke izinyanga ezintathu, ngoba kwakuzoba nokhetho.

"Ngisebenze kakhulu emsakazweni, abalaleli bengithanda futhi nami ngibahlonipha," kusho uThemba.

Uthi leyo menenja eyabakhaca isekhona emsakazweni, kodwa yize yamphatha kabi akayizondi, usedlulisile konke okwenzeka.

Uthi kuze kwayizingane ayesebenza nazo, sekuphele izinyanga eziwu-7 eshiyile emsakazweni, ezamenzela umcimbi wokumvalelisa, kwelinye lamahhotela oLundi. Uthi usaxhumana nabantu ayesebenza nabo eSABC, iningi labo eselathatha umhlalaphansi, yize abanye sebashona.

U-TK uthi waqala "engumantshingelane", eThekwini, egada ezitolo, wajoyinisa izisebenzi inyunyana, bateleka, baxoshwa.

Ngo-1990, uqale emsakaweni uKhozi FM, edlala imidlalo yomoya.

"UNkz Zamambo Mkhize, waya ekhefini, kwadingeka umuntu ozosiza u-anti Winnie Mahlangu, ekudidiyeleni izinhlelo zomame, kwathiwa angimsize. Kuthe uma sekukhangiswa izikhala, ophikweni lwezindaba, kwaSABC, eThekwini, kwathiwa kuzoqala kuqashwe abantu abangaphakathi.

"Ngoba abaphathi babejwayele ukungibona ebhilidini, bangibiza ngenza inhlolokhono, ngawuthola umsebenzi. Ngisebenze nabantu abanjengoMnu Mtholephi Mthimkhulu, uMnu Thokozani Nene, nabanye engifunde lukhulu kubona," eqhuba.

Uthi kuyamjabulisa ukubona abantu abasemkhakheni wezindaba, abaphuma ezandleni zakhe, bethuthuka ngoba wayengagcini ngokuba yisisebenzi emsakazweni, kodwa wayebacija abantu abafikayo, abuye abe ngumama kubo, bebukela kuyena.

U-TK uthi usezinhlelweni zokusungula iPodcast yakhe, ezofundisa abantu izinto ezahlukene ezithinta impilo azoyethula ngoMashi, eK-Cap, KwaMashu.

menzi.jele@ilanganews.co.za

0