Izindaba | 03
Friday, 19 Septemmber 2025
UMkhwanazi uthi ilungu leNCC ePhalamende linolwazi lwezobunhloli, okungafanele ngabe linalo
YIJAJI eselithathe umhlalaphansi, uMnu Mbuyiseli Madlanga.
Bheku Ndlovana
OSUKWINI lwesibili kwiKhomishini kaMadlanga, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi uveze amagama abanye osopolitiki abanukayo ekuphazamiseni ukusebenza kwamaphoyisa.
Emagameni avezwe nguMkhwanazi, onguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, ngoLwesine, kukhona nelikaMnu Fadiel Adams oyilungu lePhalamende.
U-Adams ungumholi weqembu iNational Coloured Congress (NCC), futhi uyilungu lekomidi lasephalamende eliqondene nokusebenza kwamaphoyisa.
Elinye igama elivelile ngelikaNkk Dianne Kohler, oyilungu leDemocratic Alliance (DA) ePhalamende.
Bobabili lab' osopolitiki basolwa nguJenene Mkhwanazi ngokugxambukela emsebenzini wamaphoyisa.
NGU-LT-GEN Nhlanhla Mkhwanazi.
UMkhwanazi utshele ikhomishini ukuthi u-Adams unolwazi lwezobunhloli okungamele engabe unalo. Umsola nangokuthi lolo lwazi ulusebenzisa budedengu.
Uthi u-Adams akalona ilungu lekomidi eliqondene nezokuphepha kwezwe ePhalamende, ngakho kakumele ngabe unolwazi olungafanele luphumele emphakathini.
Ebufakazini bakhe uMkhwanazi wakhe isithombe sokuthi ukugxambukela kosopolitiki kubonakala kuhambisana nenhloso yokuvimbela uphenyo lobugebengu obujulile obuhleliwe obenzeka eGoli, obubandakanya nokushushunjiswa kwezidakamizwa.
Ephawula kwi-eNCA u-Adams, uzwakale ecikekile, wathi akazi ukuthi kungani uMkhwanazi ephuma naye iqhubu. Uthi lolu lwazi lwezobunhloli okuthiwa unalo lwalethwa kuyena, naye washaqeka.
Uqhube wathi uma kungukuthi uMkhwanazi ufuna ukuninda igama lakhe, makaqhubeke, wathi "...angimesabi uMkhwanazi". Uthi uyafisa ukuba ikhomishini imbize ayokwethula ubufakazi ngoba kuningi afuna ukukukhuluma.
NGUNKK Dianne Kohler, oyilungu leDA ePhalamende.
Ngesikhathi luqala usuku kwikhomishini, u-Adv Mahlape Sello uqhubeke lapho abegcine khona ngoLwesithathu, odabeni oluthinta isinqumo sikaMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, sokuhlakaza ithimba eliyisipesheli lamaphoyisa, eliphenya ngezigameko ezithinta ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Kuqhubeke nobufakazi bendaba yamadokodo 'odumo' awu-121, amacala abucayi ayephenywa yileli thimba lamaphoyisa eliyisipesheli, athuthwa KwaZulu-Natal, okuthiwa abesehhovisi likaJenene Shadrack Sibiya oyiSekela loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke.
Lawo madokodo ngawamacala okuthiwa athinta nabantu abaziwayo.
UMkhwanazi uveze ukuthi kulawo madokodo athathwa eKZN, amahlanu awo ayeselungele ukuthi kube khona ababoshwayo, kodwa inhlokohhovisi yamaphoyisa lapho amadokodo ayehleli khona ayizange yenze lutho ngalokho. Utshele ikhomishini ukuthi akazi kungani bengaboshwanga abasolwa.