03  | Izindaba

Friday, 17  April 2026

Kulobe
uMthobisi Sithole

Ezomculo

Abakamaskandi bathembe izitshudeni ukumaketha umculo wabo 

Bathi baqaphela ukuthi baya-trenda uma bekade bevakashele emanyuvesi 

Baveza nokuthi kwezinye izifundazwe, kabanqeni ukukhokha imali ebhekile...

Image

Abasesithombeni ngemuva nguMnotho Majola noSenzo "Ntencane" Zondi. Abaphambili ukusuka kwesobunxele nguSphesihle "Limit" Nala, uFeza Langa ohlezi noMalibongwe "Mjolisi" Gwala, bonke abangabaculi bakamaskandi.

BAQHOSHE ngoshintsho abalubona ekulalelweni komculo wabo uma behambela izikhungo zemfundo ephakeme, abaculi bakamaskandi abashisayo kulezi zinsuku ngezingoma ezidla ubhedu emphakathini.

Laba baculi baqale umkhankaso wokwethula umculo wabo omusha kwizitshudeni emanyuvesi.

USenzo "Ntencane" Zondi, wethule i-albhamu yakhe eMangosuthu University of Technology ezinyangeni ezimbili ezedlule, waphinda wayethula e-Albert Park, eThekwini ebusuku, emasontweni adlule ememe izitshudeni.

UNtencane utshele leli phephandaba ukuthi ukholelwa kakhulu emanyuvesi ngenxa yokuthi kugcwele intsha eqhamuka ezindaweni zasemakhaya, emadolobheni nasemalokishini. Uthi uma umculo weciko uthandiwe emanyuvesi, liyaphakama kakhulu.

"Umaskandi sizama ukuwukhulisa, futhi kubukeka izitshudeni ziwemukela. Okuhle ngezitshudeni wukuthi kazinayo inkinga yokuswela ama-data, zineWifi ema-res, futhi ziyakuqonda ukuthi zonke izinhlaka zomculo zisebenza kanjani online.

Lokhu kusiza kakhulu ngoba ziyawulalela umculo, zinesikhathi esiningi ema-res, nasesikoleni uma zifunda zihlala ziphethe ama-laptop, ziwuvulile umculo," kusho uNtencane.

Uthi uma kade evakashele enyuvesi, uyalubona ishintsho online, kukhula ngamandla ukulalelwa kwezingoma zakhe, okuyikhona osekukhokhela abaculi imali uma izingoma zabo zilalelwa kahle online, kwiYou Tube, iSpotify nakwezinye izinhlaka.

Image

Uthi ukuzibandakaya nokuvakashela izitshudeni emanyuvesi, kuwumkhankaso  aqhubeka nawo.

Ngakolunye uhlangothi uMalibongwe "Mjolisi" Gwala naye oyiciko elisematheni entsheni kulezi zinsuku, uqale umkhankaso wokujikeleza amanyuvesi.

NgeSonto eledlule uqale enyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), ophikweni iHoward College.

USphesihle "Limit " Nala naye uthi ukusabalalela nakwezinye izifundazwe, kunomthelela omuhle ekulekeleleni ukuphakama komculo wabo. Uthe nezinye izikhungo zemfundo ephakeme ezingaphandle kweKwaZulu-Natal, ufuna ukusondela kuzona.

"Ukuphumela ngaphandle kwesifundazwe sethu ngikubone kungisebenzela ngoba nemali abayikhokhayo kwezinye izifundazwe uma besiqasha, inkulu kakhulu uma iqhathaniswa nesiyikhokhelwa KwaZulu-Natal. Kwezinye izifundazwe ubiza imali osebenza ngayo, kabakhali - bakunika lento oyifunayo ngoba bayawuhlonipha kakhulu umsebenzi weciko," kusho uLimit.

Amanye amaciko afikayo emculweni, ashisayo ezikhungweni zemfundo ephakeme ngokuthakaselwa komculo wawo yizitshudeni, kubalwa uMnotho Majola waseNkandla, noFeza Langa odabuka eNquthu.

mthobisis@ilanganews.co.za

0