Izindaba | 03

Friday, 27 June 2025

Image

YIMFEZEMNYAMA noNqobani Dube.

Amaciko nomsebenzi
wokubonga usomatekisi


Aqophe ushuni wenhlanganisela
yomculo wesintu


Mthobisi Sithole

AMACIKO omculo wesintu asungule iqembu elididiyele oshuni bezitayela ezimbili, esombhaqa-nga nomaskandi, ngenhloso yokwenza okwehlukile endimeni yomculo.

Lokhu kwenziwe yiMfezemnyama noNqobani Dube, weqembu lombhaqanga oFeleba. Basungule iqembu elibizwa ngeZeleveta. Leli qembu likhiphe i-albhamu entsha ngesonto eledlule esihloko esithi, "Dilika Ntaba".

Engxoxweni yeMfezi naleli phephandaba, iveze ukuthi bahlose ukwethula into entsha, engajwaye-lekile emculweni wesintu . Ithi indlela yokucula ayisebenzisile, izokhumbuza abathandi bephimbo layo ngesikhathi ifika emculweni eminyakeni eyishumi eyedlule.

"Sihlangane nale nsizwa yombhaqanga senza into entsha, nesigingci esisetshenzisiwe, akusisona lesi sikamaskandi. Okukhulu kakhulu ngale albhamu wukuthi besifuna ukubonga ubaba uVelanto Thwala ngomculo owehlukile, simuphe wona singabheke lutho.

"Ubaba uThwala ulekelele amaciko amaningi endimeni yomculo, ewasiza ngaphandle kokuthi naye ufuna ukuzithuthukisa ngawo. Ngakho-ke lo mculo siwenzele ukumbonga naye ngenhliziyo yakhe evulelekile, yokusiza abantu," kusho iMfezi.

Le albhamu ibophele izingoma eziwu-8.

"Ezinye ziculwa phambili nguNqobani Dube, ezinye yiMfezi (abasesithombeni esingezansi), - bese benikezelana ngamaphimbo phakathi nazo. UMfezi uthi bahlose ukuya kude kakhulu ngalesi sitayela esisha. 

Image

"Kuyaziwa ukuthi izinto ezintsha zifika nathi emculweni. Kule albhamu asiyifakanga nenkostina, ngoba kumele abantu bawuzwe umehluko weqembu elisha, elifikayo endimeni.

"Kubalulekile ukunikeza abathandi bomculo umsoco abangawujwayele, ngoba sebebaningi abaculi," isho.

IMfezi ithe ukuhlobana kukamaskandi nombhaqa-nga kusuka kude, okwenze kwaba lula ukusebenzi-sana neciko lawo umbhaqanga. Itshele leli phephandaba ukuthi bayafukulana kule albhamu.

"Lo msebenzi esiwenzile uzosifukula noNqobani ngoba emculweni kunanezikhathi ezimbi, ezisehle-layo, ezenza ukuba alimale amagama ethu. Igama lami belishayeke kakhulu ezinkundleni zokuxhu-mana, abanye bephume umkhankaso wokuthi balilimaze.

"Ngakho-ke sibuya ngamandla ngoshuni omusha," kusho iMfezi.

Le albhamu itholakala ezitolo ezidayisa umculo online. Phakathi kwamanoni aboshelwe, kubalwa ingoma ethi, "Bavumingoma, Sebekhohliwe, Inganono nezinye.
mthobisis@ilanganews.co.za

0