02 |Izindaba

Friday, 01  May 2026

Ezifingqiwe

Image

UNgizwe Mchunu unikwe amahora awu-24, ukuxolisa kumholi
we-EFF

ABAMMELI bomholi we-EFF, uMnu Julius Malema, banike uMnu Ngizwe Mchunu (osesithombeni esingenhla), amahora awu-24 ukuba axolise, ahoxise izinsolo azisho ngekilayenti labo, elisola ngokusebenzisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho, ukuze abavikele uma bethengisa izidakamizwa, aphinde akhokhe inhlawulo ka-R1 million.

UMchunu kuthiwa wazisho lezi zinsolo ekweminye yemikhankaso yokuxosha abokufika abakuleli ngokungemthetho.  Kuthiwa wathi uMalema wanikwa u-R60 million ngabokufika baseNigeria, abadayisa izidakamizwa ukuze abavikele.

UMalema ungomunye wosopolitiki abaphumele obala ngokungahambisani nemikhankaso yokuxoshwa kwabokufika kuleli.

Ithimba labammeli bakaMalema liveze ukuthi lezi zinsolo kazilona iqiniso, futhi zidicilela phansi isithunzi sikaMalema.

Bathi lezi zinsolo zizolimaza iqembu njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya. Bamnike amahora awu-24 ukuba axolise. Bathi uma engakwenzi lokho, udaba luzodlulela phambili.


Image

Uthembisa ukuqondisa izinto ukhomishana obambile 

UKHOMISHANA wamaphoyisa obambile, uPuleng Dimpane (osesithombeni esingenhla), uthi azophela amahlathi okucasha kwabephula imithetho ngisho noma ngabe basembuthweni wamaphoyisa.

Ubekhuluma namalungu ePhalamende okokuqala selokhu eqokelwe kulesi sikhundla ebesiphethwe nguJenene Fannie Masemola, omiswe ngesonto eledlule, ngoba ehamba amacala ngenkohlakalo yethenda eyanikwa usomabhizinisi uVusimuzi "Cat" Matlala.

UKhomishana uDimpane uncome nesigwebo esikhishwe yiNkantolo yasePinetown, seminyaka ewu-17, ebantwini abayisihlanu okukhona kubona nowayengumkhulumeli wamaphoyisa, uKhephu Ndlovu.


Image

Uqinisekisa ukuthi uphenyo ngeke lukuphazamise ukuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni


UFUNGE ukuthi uphenyo oluthinta izinsolo zenkohlakalo ka-R1.6 billion wethenda yokugaywa kwezincwadi, ngeke luphazami-se ukuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni zakuleli, uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni esingenhla).

UNkz Gwarube ubephawula ngemuva kokuveza ukuthi usebhalele ungqongqoshe wezeMali kuleli, emcela ukuba aqale uphenyo ngemuva kokusabalala kwezinsolo zokwenzelelwa kwenkampani iLighthouse Publishers, ebeyihlomule le thenda.

Imibiko ithi le nkampani ibhaliswe ngokusemthethweni ezinsukwini ezintathu, ngemuva kokuphuma kwenkontileka yale thenda.

UNkz Gwarube uthi uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni, ikakhulukazi ezamabanga aphansi, akuphazamiseki.

Uthi lolu daba lumkhathaza kakhulu. Uthi unethemba lokuthi ungqongqoshe wezeMali kuleli, uzolusukumela lolu daba, kuthathwe nezinyathelo uma kutholakala ukwenzelela.

Image

Izobhekisiswa eyamathenda omasipala akhishwa ngendlela okungeyona

UKHALE ngenkontileka namathenda aphuma ngendlela engeyona komasipala uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa (osesithombeni esingenhla).

URamaphosa ubekhuluma ngesikhathi evula ngokusemthethweni umhlangano wethimba lePresidential Coordinating Council (PCC), obungoLwesine eGoli.

Kulo mhlangano bekuhlangene izimeya, izimenenja zomasipala, ongqongqoshe nezinye izikhulu zikahulumeni, kudingidwa izindlela zokuthuthukisa umsebenzi womasipala.

URamaphosa uthi izinkontileka namathenda okuphuma ngendlela okungeyona, kudla imali eningi.

"Okunye okudala lokhu nesifisa kulungiswe, wukuthi omasipala abaningi kabakwazi ukuzenzela umsebenzi. Uma kukhona okumele kulungiswe, kumele bafune abantu abazobenzela umsebenzi (outsource).

"Sinethemba lokuthi lo mhlangano uzoba nemiphumela emihle, omasipala bakwazi ukuqeqesha abantu abazokwenza imisebenzi yabo, efana nokulungisa imigwaqo, izitamkoko, ingqalasizinda yamanzi nokunye," esho.

0